Ngemva kweminyaka ecela kwewu-21, isikhungo esibheka isimo samazwe sokukweleta iFitch ibeke iNingizimu Afrika endaweni enhle. Isithombe: yiShutterstock

Uhulumeni uthakasile ngokukleliswa kweNingizimu Afrika

YINTATHELI YOMBELE

UHULUMENI usamukele ngesasasa isinqumo seFitch sokunyusa izinga lokuklelisa iNingizimu Afrika ngokwesikweletu lisuka ku-BB-, laya ku-‘BB’.

Ngokusho kweFitch, loku kukhombisa umsebenzi weNingizimu Afrika wokuphatha izimali zikahulumeni ngobuhlakani nenqubekelaphambili ekuqiniseni isimo sezimali, yize umnotho ukhula kancane futhi kunezingqinamba zangaphakathi nezangaphandle.

Loku kuhambisana nokubuyekeza isikali somkhiqizo wezwe kwehlise isilinganiso sesikweletu sikahulumeni uma siqhathaniswa nesikali somkhiqizo wezwe kunobekulindelwe ngesikhathi izinga lehleliswa ku-‘BB-’ ngo-2020. Kubengokokuqala iFitch inyusa izinga lokuklelisa iNingizimu Afrika eminyakeni ecela kwewu-21.

Lo mphumela usho ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe lesibili kuphela kwiG20 elinyuselwe izinga yiFitch kulo nyaka. Loku kwenzeka nakuba isimo sinzima emhlabeni, njengoba amazwe amahlanu asezingeni eliphezulu lokutshala imali engakleliswanga kahle yiFitch seloku kuqala ukungqubuzana eMiddle East ngasekupheleni kukaFebhuwari.

I-Fitch ibalule ukuthi iNingizimu Afrika isisukile ekushodelweni yizimali yaya ekubeni nemali esalayo okuqhubekayo ngenxa yokuphucuka kwezinto ekuqoqeni izimali nokuziphatha kahle.

Isinqumo seFitch silandela ukuthi iS&P Global Ratings inyuse izinga lokuklelisa iNingizimu Afrika ngoNovemba 2025 neMoody’s enyusa izinga eklelise iNingizimu Afrika kuyona.

FUNDA NALAPHA: INingizimu Afrika ikleliswe kahle emhlabeni

Umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe: “Ukuphucuka kwezinga lokukleliswa kwesikweletu sezwe kusiza ukunciphisa izindleko zokuboleka zikahulumeni, amabhizinisi nemindeni futhi kunezithelo ezibonakalayo kubantu abajwayelekile.”

U-Pieterse uthi ukukleliswa kahle kwehlisa izindleko zikahulumeni, amabhizinisi nabantu

“Luselude ukhalo oluzohanjwa yiNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi ifinyelele ezingeni lokukleliswa elivumela ukutshala izimali kodwa okokuqala ngqa eminyakeni engaphezu kweshumi sibona ukuguquka ezingeni lokuklelisa. Lolu shintsho lugqama ngesikhathi kuvama ukwehla kwezinga lokuklelisa emhlabeni wonke,” kusho yena.

“Sizogxilisa lo mgomo ohlelweni oluzosimamisa isimo sezemali, imininingwane yalo esilindele ukuyimemezela kwiSabelomali saPhakathi noNyaka sango-2026,” kuphetha uPieterse.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page