Iphini lemeya kaMasipala waseThekwini uNksz uZandile Myeni likhuluma ngezinselelo abazozixazulula ngeSabelomali oThongathi Town Hall, enyakatho yedolobha. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala uchazele abantu ngeSabelomali osihlongozayo 

YINTATHELI KAMASIPALA 

UMASIPALA waseThekwini ubuhlangene nezakhamuzi zasenyakatho yedolobha oThongathi Town Hall ukuzichazela kabanzi ngeSabelomali osihlongozayo esiwuR74.7 billion.

Bekukhona izakhamuzi zaku-Ward 35, 48, 49, 50, 51, 52, 58, 59, 60, 61, 62, 102, 106 no 110 njengoba umasipala ulandela umthetho olawula izimali zomasipala i-Municipal Finance Management Act. 

Iphini lemeya kaMasipala waseThekwini uNksz uZandile Myeni liqale ngokutshela izakhamuzi ukuthi bayazazi izinselelo ezibhekene nendawo yazo kanti basebenza ngokuzikhandla ukuzixazulula.

“Lesi sifunda sike sahlaselwa yizinhlekelele kulandelana, okukhona kuzona izikhukhula neziphepho. Lezi zinhlekelele zidale umonakalo omkhulu kwingqalasizinda yamanzi, ekagesi, emigwaqweni nasezindlini. Yize sisheshisile ukubuyisa izidingongqangi ezindaweni eziningi kodwa usemningi umsebenzi osihlalele, ikakhulu ekuphakeleni amanzi okungaphazamiseki,” kusho yena. 

Uthe bamatasa balungisa isikhungo sokukhuculula amanzi i-oThongathi Water Treatment Works  futhi kunohlelo lokufaka amapayipi amasha enyakatho.

FUNDA NALAPHA: Isabelomali esihlongozwayo sika R74.7 billion ne-IDP ka 2026/27

Uthe babeke uR871 million ngalo nyaka wezimali u-2026/27 ozolekelela ezihlelweni ezisenyakatho. Kukhona kuzona isigaba sesibili sokwakha izindlu eCornubia, ukuphucula ingqalasizinda yezimakethe, ukufaka izinsiza zokuphepha, ukulungisa ingqalasizinda yemigwaqwo, ehambisa indle nohlelo lokwakha izindlu okuthiwa yi-Umbhayi Housing Project.

Iphini lemeya lithe zikhona nezinye izinhlelo ezizofukula umnotho kulesiya sifunda zidale namathuba omsebenzi. 

“Inyakatho yaseThekwini inezinhlelo eziningi zokusimamisa umnotho wesifundazwe. IDube Trade Port engaseKing Shaka International Airport yisikhungo sezimboni esiheha izigidigidi zezimali. Siyaqhubeka nokukhula embonini yolimo, eyokukhiqiza neyokuthutha izimpahla ngamabhanoyi,” kusho uNksz uMyeni. 

Uthe kunentuthuko ezodala imisebenzi engaphezu kwango-70 000 exube izindlu, izimboni nenye engaphezu kwangoR25bn. 

Izakhamuzi zithole ithuba lokuchaza ngezinselelo ezibhekene nazo zemigwaqwo, ezezindlu, ezokuphela kwamanzi nokukhuphuka kwamanani kagesi nawamanzi. Zithe zidinga kwande izikhungo zokufundisa intsha nezemidlalo. 

ISabelomali esihlongozwa wumasipala sitholakala ku: durban.gov. Ukuphawula okubhalwe phansi kungathunyelwa ku: comments2021@durban.gov.za

Imininingwane yokuthi umasipala uzoya kuphi ukuyochazela abantu ngeSabelomali osihlongozayo iyatholakala emakhasini okuxhumana kamasipala nasemazikweni ezindaba omphakathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page