Umengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa, ovika imicibisholo yokususwa esihlalweni ngenxa yesigameko sasePhala Phala. Isithombe: Sithunyelwe

Phansi amaphaphu ngokususa uRamaphosa – izingqapheli

WUBONISWA MOHALE

LUFANA nenunu engafi udaba lokuntshontswa kwezindodla zamadola epulazini likamengameli waseNingizimu Afrika uMnu UCyril Ramaphosa ngemva kokuthi iNkantolo yomThethosisekelo inqume ukuthi umbiko weSigaba 89, othinta lolu daba kwakungafanele uye kumalungu ePhalamende kodwa kwakufanele uqonde ekomitini elengamele izinhlelo zokususa umengameli.

NgoMsombuluko uRamaphosa uthe uzodlulisa lo mbiko weSigaba 89 ukuthi uyobuyekezwa ngamajaji.
Kulo mbiko wejaji eselathatha umhlalaphansi uMnu uSandile Ngcobo lathola ukuthi uRamaphosa kufanele aziphendulele ngokuntshontshwa kwamadola epulazini lakhe iPhala Phala.

INkantolo yomThethosisekelo ithe kufanele umbiko ubuyele ekomitini elingamele izinhlelo zokuchitha umengameli ePhalamende.

URamaphosa uthe akayindawo ngoba akukho okumlahla ngecala embikweni weNkantolo yomThethosisekelo futhi akafuni ukuthi kuphazamiseke uhulumeni wobumbano.

FUNDA NALAPHA: UMnu uMpumelelo Zikalala ubheka eyombiko kaRamaphosa ngolwePhala Phala

USolwazi weziFundo zePolitiki e-University of Cape Town uZwelethu Jolobe uthe ngempela akukho okushiwo yiNkantolo yomThethosisekelo okuthi uRamaphosa akasule esikhundleni.

“Okuzokwenzeka manje wukuthi umbiko uzoya ekomitini elingamele izinhlelo zokususa umengameli, okuyilona elizobiza abantu ukuthi bazothula ubufakazi. Lizobuqoqa bese lenza isinqumo emva kwaloko,” kusho yena.

Uthe kunzima ukususa umengameli ngokumthola enecala lobugebengu noma lokungaziphathi kahle kunangevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe. Uthe le ndlela ingathatha iminyaka embalwa uma benquma ukuyilandela.

“Ukungabibikho kweqembu elinamalungu amaningi kunelinye kwenza ukuthi abemancane amathuba okususa umengameli. Umthetho uthi umenagmeli ukhishwa uma engawenzi umsebenzi wakhe, ephule umthetho noma engaziphathanga ngendlela efanele,” kusho uJolobe.

UJolobe uthe owayengumengameli wezwe uMnu uJacob Zuma wabhekana neziqubu eziyisishiyagalombili zokungabuthembi ubuholi bakhe nesisodwa esingaphumelelanga zokumsusa esihlalweni, zonke ezingaphumelelanga ngoba i-ANC yayinamalungu amaningi ePhalamende ngokubili kokuthathu.

Umhlaziyi wepolitiki uNks u-Asanda Ngoasheng uthe kushubile njengoba kuwunyaka wokhetho, ngakho amehlo abantu athe njo kwi-ANC. Uthe emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC lolu daba luzodingidwa.

USolwazi weziFundo zomNotho e-University of Pretoria uHeinrich Bohlmann uthe alukho ushintsho oluzobakhona ngemva kwesinqumo sikaRamaphosa kanti isimo sisazoqhubeka njengoba sinjalo ezweni.

Uthe izimakethe zinyakaza uma kunezinqumo ezilindelekile futhi zibona ukuthi alukho ushintsho ezweni.
“Ukuba umengameli usulile bekuzobanokungahlaliseki kahle bese kubanomnyakazo kodwa asibonanga lutho. Izimakethe zikhathazeke ngezindaba ezibucayi okubalwa kuzona impi yeMelika ne-Iran nezibalo ezintsha zabantu abangasebenzi,” kusho yena.

U-Bohlmann uthe uma kungenzeka kugudluzwe umengameli kungabanokukhathazeka kubatshalimali, irandi lintenge futhi kudlebeleke izindleko zokunyuka kukaphethroli.

Wengeze ngokuthi okunye wukuthi vele uRamaphosa uyahamba ekupheleni kwesikhathi sakhe sokuphatha okwesibili.

Ubalule ukuthi abatshalimali bayalithanda izwe elinesimo esizinzile futhi bajabule nge-Operation Vulindlela, ngakho kubalulekile okuzoshiwo yi-ANC nohulumeni wobumbano.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi kusasa usomlomo wePhalamende uNkk uThoko Didiza amemezele amalungu ePhalamende azobakwikomiti elingamele ukususa umengameli, ngokuyalelwa wumyalelo wenkantolo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page