Umengameli weCongress of South African Trade Unions uNksz uZingiswa Losi ugqugquzela izisebenzi ukuthi ziphume ngobuningi bazo ngoLwesihlanu ukuyogubha usuku lwazo. Isithombe: Sithunyelwe

Izisebenzi aziphume ngobuningi ngoLwesihlanu – izinyunyana

YINTATHELI YOMBELE

NJENGOBA ngoLwesihlanu umhlaba wonke ugubha uSuku lweziSebenzi, umengameli weCongress of South African Trade Unions (iCosatu) uNksz uZingiswa Losi uthi eNingizimu Afrika izisebenzi zithwele kanzima ngenxa yokubiza kwempilo.

“Izisebenzi zibhekene nezinselelo eziningi ezweni, impilo iyabiza kusukela ezindlekweni zikagesi, uphethroli onyuka njalo, ukudla kuyabiza nezinkampani ziyadiliza.

“NgoLwesihlanu sinxusa ukuthi ziphume ngobuningi bazo kuzo zonke izifundazwe ziye emicimbini yeMay Day ngoba sizozinqoba lezi zinselelo uma sibambisene. Sawalwela amaholo namanye amalungelo ezisebenzi akhona namhlanje, nalezi zinselelo sizozinqoba uma sisebenzisana,” kusho yena.

Uthe iCosatu izolwela ukuthi izindleko zempilo ezidla ingxenye enkulu yemiholo yezisebenzi zehle.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoFebhuwari izibalo zabantu abangasebenzi zeStatistics South Africa ziveze ukuthi bawu-7.8 million abantu baseNingizimu Afrika abasesigabeni sokusebenza kodwa abaswele umsebenzi.

FUNDA NALAPHA: I-Cosatu ifuna izinyunyana eyazixosha zibuyele ‘ekhaya’

Unobhala-jikelele weSouth African Federation of Trade Unions uMnu uZwelinzima Vavi uthe bazokhumbula uSuku lweziSebenzi bengabumbene.

Ukhale ngokuthi kunezinyunyana ezingaphezu kwango-250 nemifelandawonye yazo emine okwenza ukuthi izwi lezisebenzi lingazwakali kahle.

“Isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika siwu-12.4m uma sesibheka wonke umuntu ngisho nosekuphele iminyaka befuna umsebenzi kodwa bengawutholi. Loku kwenza abaqashi baxhaphaze abantu ngoba babaholela imali encane ngenxa yokuthi baxakekile.

“Ukungabumbani kwezinyunyana kwenza ukuthi uhulumeni angazizwa futhi nemboni ezimele ingezwa uma zikhuluma. Isimo esikusona senza abantu babange amathuba emisebenzi, bafune kusebenze abantu bendawo kuphela njengoba sibona nezimashi ezixosha abantu bokufika,” kusho yena.

I-Pietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group ocwaningweni lwayo ithe izisebenzi ezihola kancane, ezihola imali engaphezu kwangoR5 000 zisebenzisa engaphezu kwangoR2 900 ukukhokhela ugesi nokugibela, enye ewuR2 378 ziyisebenzisele ukuthenga ukudla nezinye zidingo.

Loku kukhombisa ukuthi impilo ibiza ukudlula amaholo, kwazise igrosa yomndeni omkhulu ibiza uR5 328.53.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page