UMnu uBokang Kelepa ukholelwa kubuchwepheshe ezimayini

Isithombe: Sithunyelwe

Uzimisele ngokushintsha indlela okusetshenzwa ngayo ezimayini ngobuchwespheshe besimanje ukuze kunciphe nesibalo sabashonayo emgodini. Unjiniyela wasezimayini osewusomabhizinisi uxoxe noSLINDILE KHANYILE

OSOMABHIZINISI abasafufusa kumele bathi begxilile ekukhuliseni amabhizinisi abawathandayo kodwa bathole nokunye okuzongenisa imali ngesikhathi besaphemba; ukugwema ukuwa kwamabhizinisi abo. 

Kumqoka futhi nokukwazi ukuthola abanye abantu abangabambisana nabo ukuze bangathwali yonke into bodwa; ugcine umsebenzi ungasenzeki kahle.

Lesi yiseluleko sikaMnu uBokang Kelepa, umsunguli weBaletsema Mining and Technology Services. Lena yinkampani esebenza embonini yezimayini neyenza imisebenzi enhlobonhlobo yomsebenzi waphansi emgodini, ukweluleka, ukuqeqesha nokuthengisela izinkampani ezikule mboni impahla enhlobonhlobo.

UKelepa, ongunjiniyela wasezimayini, usungule inkampani yakhe ngo-2018. Ngaphambi kwaloko wayeqashwe kwa-Anglo American, lapho esebenze khona iminyaka engu-13, wagcina engomunye wabaphathi.

“Ngenze izinto eziningi ngisaqashiwe. Ngike ngaphatha emgodini futhi ngashesha ngakhuphuka emsebenzini ngoba wawuthola ukuthi isikhathi esiningi yimina omncane kunabo bonke abantu uma sisemhlanganweni. Kodwa kuhambe kwahamba ngazizwa ngingakhululekile ngoba emsebenzini awenzi noma yini, kuba nezinto ezikunqindayo,” kulanda yena.

Uthe ngesikhathi esephuma inxiwa kwakumele libe kuyo le mboni yezimayini ngoba yiyona ayiqonda kangcono futhi ayithandayo. Unezifiso namaphupho amakhulu ngeBaletsema kodwa uyazi ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi zifezeke.

“Ukuzisebenza kuyinselelo futhi akulula ngale ndlela abantu abacabanga ngayo. Uyaqala kodwa uthi usuqalile uthole ukuthi lo mnyango ongene ngawo awufanele; nokuphoqa ukuthi uphume uyobheka omunye ongangena ngawo. Amaphutha ayenzeka futhi awusheshe uhole ngoba kumele utshale imali ebhizinisini. Ngesikhathi siqala sasicabanga ukuthi kuzoba yile ngxenye yokweluleka ezokhula ngamandla kodwa sathola ukuthi yilena yokudayisa izinto esimamayo.

“Yingakho kumqoka ukuthi uthi uyenza lena oyithandayo kodwa ube nenye into ekungenisela imali ukuze uzokwazi ukukhokhela izikweletu. Mina kukhona elinye ibhizinisi okuthiwa yiLegends Barbershop engiyingxenye yalo, nokuyilona elingisizayo nokuthi angikaze ngizithole ngivalekile,” kusho uKelepa.

Le nsizwa ezalelwe eRustenburg, eNorth West, ithi nokukwazi ukushintsha indlela owenza ngayo izinto masinyane uma isimo siphoqa, nako kumqoka. Yenze isibonelo ngokuthi kuthe uma kuqala kuhlasela iCOVID-19, bazithola sekudingeka badayise izifonyo, izibulala-magciwane nokudingeke ukuthi bazame icebo lokukuthola.

“Ukuba asisheshanga uma sithola isicelo sokuthi sidayise lezi zinto ngabe sithwale kanzima. Kumqoka ukukwazi ukwenza izinto eziningi ezihlukene ngoba lokho kunciphisa intuba yokuthi uwe,” kusho uKelepa. 

IBaletsema iqashe  abantu abawu-60 okukhona kubona nabasebenza phansi emgodini.  UKelepa uwumsunguli wengqungquthela ebheka ukuthi ubuchwepheshe besimanjemanje bungasiza kanjani ezimayini, i-4IR Mining Summit, eqale ngonyaka odlule. Kule ngqungquthela kuba khona izikhulumi eziqhamuka emazweni ehlukene ezisuke zibhunga ngaloku futhi ezinye kusuke kungabadayisi bobuchwepheshe abasuke bekhombisa ukuthi ubuchwepheshe babo busebenza futhi busiza kanjani. 

Ukukhula njengenkampani yezimayini esebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje yiyonanto uKelepa ayiphokophele kunazo zonke.

“Asibanga nayo (ingqungquthela) kulo nyaka ngenxa yeCOVID-19; kukhona usuku esesilinqumile lwangonyaka ozayo. Sibheka ukuthi ubuchwepheshe besimanjemanje bungasisiza kanjani thina lapha e-Afrika ngoba asikwazi ukuvele sibuthathe sibusebenzise ngendlela amanye amazwe enza ngayo. Sinezinkinga zethu thina eNingizimu Afrika okuyizona okumele sizixazulule ngobuchwepheshe kanti kumele siqikelele ukuthi abantu (bakithi) banawo amakhono okubusebenzisa.

“Ezimayini ezimba igolide nje abantu basafa kakhulu, singabusebenzisa kanjani ubuchwepheshe ukunciphisa isibalo sabantu (abafayo) emgodini njengokuthi mhlawumbe kugcine kungasebona abantu abashona phansi bayomba kodwa kube irobhothi,” kusho yena. 

UKelepa uganiwe kanti umkakhe naye uwunjiniyela futhi banamadodakazi amabili.  Unoxhaxha lweziqu okukhona ezokuba wunjiniyela azithola e-University of Johannesburg neMBA ayifundela eGibs.

Instagram: bokangak

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page