UMasipala waseThekwini wethule isikhungo semininingwane yezokuthutha umphakathi
YINTATHELI KAMASIPALA
NJENGOBA u-Okthoba kuyiNyanga yezokuThutha, uMasipala waseThekwini usanda kwethula isikhungo semininingwane yezinto zokuthutha zomphakathi iPublic Transport Information Centre. Lesi sikhungo siseTraffic Management Centre enkabeni yedolobha.
Injongo kamasipala ngalesi sikhungo wukushintsha impilo yezakhamuzi ezisebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi uma ziya emsebenzini noma uma zenza umsebenzi ngokuhlinzeka abagibeli ngolwazi oluthembekile ngohlelo lwezokuthutha zomphakathi lwaseThekwini.
Ikhuluma ngosuku lokwethula lesi sikhungo imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba, ibalule ubumqoka bokuthi lesi sikhungo sigxile ebantwini. Ithe: “Izinto zokuthutha umphakathi azigcini nje ngamabhasi, amatekisi nezitimela. Kumnyombo wazo kukhona abantu, ukubaxhumanisa nomsebenzi, izikole, ezempilo nezokungcebeleka. Ulwazi oluthembekile luyisidingongqangi, kanti lesi sikhungo sizoqinisekisa ukuthi abagibeli banolwazi, bahlomile futhi bahamba ngeqholo.”
I-Public Transport Information Centre izohlinzeka ngokuthi kwenzekani ezintweni zokuthutha umphakathi zikamasipala, izigameko ezithinta ukuhamba emigwaqweni yedolobha nokuphendula imibuzo ngohlelo lukamasipala lokungakhokhi ngokheshi iMUVO ngezinkundla okulula ukuzisebenzisa, okubalwa kuzona inombolo yamahhala nedeski le-email lokusiza umphakathi ngezinto zokuthutha.
UXaba uchaze indlela yokusebenza kwalolu hlelo. “Ngokudidiyela imininingwane yamaPhoyisa kaMasipala, abashayeli bamabhasi omphakathi neTransport Management Centre, lesi sikhungo sizokwazi ukuhlinzeka abagibeli ngesikhathi ngemininingwane eshaya emhloleni nabangayethemba.”
Lo mkhankaso weyeme ekubambisaneni kwazo zonke izinhlaka zokuthutha zedolobha, njengoba amaPhoyisa kaMasipala ezohlinzeka ngemininingwane ngezigameko, abashayeli bahlinzeke ngolwazi bese iTraffic Management Centre ibheka izinto bukhoma.
Imeya igcizelele ukuthi ukwethula lesi sikhungo kufakazela ukuzinikela kukamasipala ukwakha uhlelo lwesimanje, olufaka wonke umuntu nolugxile kubagibeli, yathi: “NgeNyanga yezokuThutha siqhakambisa ukwenza izinto ngendlela entsha nokubambisana okubumba ikusasa lezinto zokuthutha umphakathi edolobheni. Lesi sikhungo solwazi siyisibonelo sokuthi ubuchwepheshe nokubambisana kungazihlomulisa kanjani izakhamuzi.”
Imininingwane yokuxhumana nePublic Transport Information Centre ithi: 087 121 9446, okuyinombolo yamahhhala noma ikheli le-email lithi: Info@godurban.co.za. Ngeminye imininingwane, ungangena ku: www.godurban.co.za.

