UMasipala waseThekwini uthuthela eFNB
YINTATHELI KAMASIPALA
KUSUKELA mhlaka-1 wango-Okthoba uMasipala waseThekwini uzosebenzisa ibhange elisha usuka kobukade ulisebenza njengoba usuzobhenka eFirst National Bank (iFNB).
Ngokuhambisana nenqubomthetho ebekwe ungqongqoshe womNyango weziMali, inkontileka yokubhenka kamasipala iyabuyekezwa njalo emva kweminyaka emihlanu bese kukhishwa ithenda yebhange elisha elifisa ukusebenzisana nomasipala ukuthi liwushele.
Umasipala ububhenka neNedbank kodwa inkontileka yawo naleli bhange izophela ekupheleni kwale nyanga. Ukusebenzisana kwamasipala neNedbank kudonse izikhawu ezimbili, wabayikhasimende laleli bhange iminyaka eyishumi.
Ngemva kokulandela uhlelo lwethenda ebivuleke kuzona zonke izikhungo zezimali ezibhaliswe ngokwe-Banking Act, iFNB iphumelele ngamanani nobekudingwa wumasipala.
I-FNB izohlinzeka ngezinsiza eziningi okubalwa kuzona:
- Izinhlelo zokubhenka eziqondakala kalula kubantu;
- Izindleko zebhange ezingabizi namakhomishini;
- Izinsiza ezisheshayo nethimba elanele elizoseka izidingo zokubhenka zikamasipala;
- Izinsiza zokuphatha ukheshi ngobuningi bawo;
- Izinsiza ngemishini yokukhokha;
- Izinsiza zokubhenka ze-internet nezinye ezi-online nezamabhange;
- Iziqinisekiso zokuthi izokwengamela zonke izidingo zemali zikamasipala;
- Izinsiza ezichaziwe ze-overdraft;
- Amandla okukhokha imali yakwamanye amazwe ngokwe-electronic
- I-market agency service
Imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele ithe: “Siyajabula ukwamukela iFNB njengomlingani wethu wokubhenka futhi sesilindele ukubambisana okunenqubekelaphambili okuzosilethela inzuzo. Ngemva komncintiswano obushisa, iFNB ize nezethulo ezibalulekile zokuhlangabezana nezidingo zezimali zikamasipala.”
Ubonge iNedbank ngokubaphatha kahle eminyakeni eyishumi bebhenka khona futhi ibasiza ukuthi baphathe kahle imali kamasipala.
Inhloko yezohwebo eFNB KwaZulu-Natali uNks u-Anrie Spangenberg ithe bayakuthakasela ukusebenzisana nomasipala futhi bazowuseka ngezinsiza zokubhenka ezihlukene.
“Sizokweseka uMasipala waseThekwini nezinhlaka zawo ohambweni lwawo lwezobuchweshe ngokusebenzisa izinhlelo zethu ezintsha zamabhange nezinhlelo zeBeyond Banking ezeseka ukuletha izidingo nokuphatha kahle.”
Ukuqinisekisa ukuthi abantu bazikhokhela kalula izinsiza abazithola kumasipala, wonke amakhasimende akhokha izikweletu zawo nge-EFT akhuthazwa ukuthi aqinisekise ukuthi imali iya kumasipala ngokukhetha amagama athi public beneficiary bese ekhetha u-eThekwini Municipality.
Amakhasimende ayakwazi nokukhokha nge-Pay@ noma nge-Cigicell ezitolo ezilandelayo: ePick ‘n Pay, eShoprite, eCheckers, eShoprite Usave, eBoxer, e-Ackermans, eBuilders, eCambridge Food, eFlash, eGame, eMakro, ePEP, eSpar, eRhino Cash n Carry naseTop it Up.

