I-Expanded Public Works Programme (i-EPWP) izokwabela izigidi ngonyaka wezimali u-2025/25 ukwandisa amathuba okuqasha abantu. Isithombe: Sithunyelwe

Umasipala uzosebenzisa uR99 million ukuqasha abantu kwi-EPWP

YINTATHELI KAMASIPALA 

UKUQINISEKISA ukuthi abantu baseThekwini bayasebenza uMasipala waseThekwini uthi uzosebenzisa uR99 million ngonyaka wezimali u-2025/26 ukuqasha abantu abazosebenza ezinhlelweni ze-Expanded Public Works Programme (i-EPWP). 

Le mali izosiza nokulula izinkontileka zabantu akade bekwi-EPWP kusukela ngoJanuwari walo nyaka kuze kubewuMeyi. 

UmNyango wemiSebenzi yomPhakathi uzokhipha uR8.5m we-EPWP, ngakho enye kufanele ikhishwe wumasipala.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/kubekwe-ur217bn-ozoguqula-izinto-ethekwini-imeya/

Imenenja kamasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele ithe lubalulekile uhlelo lwe-EPWP ngoba lusiza abantu abangaphezu kwabawu-900 ngamathuba omsebenzi. 

Khonamanjalo, umasipala uzoxhasa umcimbi kamaskandi iMpucuzeko Maskandi Festival ngoR1m. 

Umasipala uthe le ndumezulu yomculo ihambisana nezinhlelo zawo zokuhlanganisa bonke abantu nokuqinisekisa ukuthi umnotho waseThekwini uyasimama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page