Isikhulu sesikhungo sempesheni yezisebenzi zikahulumeni simisiwe kusaphenywa
WUBONISWA MOHALE
UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana umise emsebenzini isikhulu esiphezulu sesikhungo esengamele impesheni yezisebenzi zikahulumeni iGovernment Pensions Administration Agency (iGPAA).
UNkk uKedibone Madiehe umiswe emsebenzini emva kokutholakala ukuthi usayine isivumelwano sokuthi lesi sikhungo sisebenzise ibhilidi elingatholakali ndawo.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, uGodongwana uthe okwamanje uNkk uMadiehe uzomiswa emsebenzini bese kuqala uphenyo ngalolu daba lwebhilidi. Uma kukhona okufanele aqondiswe ubugwegwe kuzokwenziwa njalo.
Uthe isinqumo sokumisa uNkk uMadiehe asisho ukuthi unecala noma akanalo kodwa balandela umthetho ozokwenza ukuthi uphenyo luqhubeke kahle.
Ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi awuphazamiseni uGodongwana uthe uqoke uMnu uJob Stadi Mngomezulu, iphini lomqondisi-jikelele we-Corporate Services ehhovisi lomGcinimafa ukuthi abambe isikhundla sesikhulu esiphezulu seGPAA kusukela mhlaka-25 wango-Agasti.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/01/yisikhathi-sokufingqa-imikhono-kuhulumeni/
UGodongwana uthe uthemba ukuthi uMngomezulu, osebenze ngaphezu kwweminyaka engamashumi amabili emNyangweni weziMali, uzoyihola kahle iGPAA.
“Ngaphansi kobuholi bukaMngomezulu iGPAA izokwazi ukuqhubeka nomsebenzi wayo wokuthi kungaphazamiseki ukukhipha izimpesheni. Ngeke baphazamiseke asebethathe umhlalaphansi. Uphenyo luzosheshiswa futhi luzokwenzisiswa. Uma kwenzeka, kuzoba nokuphazamiseka okuncane emsebenzini obucayi. Ukuphatha ngendlela efanele kuzoqhubeka,” kusho yena.
Uphenyo luzobe lubheka loku:
1) Isivumelwano sokuqasha ihhovisi lekomkhulu leGPAA;
2) Isivumelwano se-African Mobility Bus;
3) Izinkontileka zeJicho Consulting;
4) Isivumelwano sokuqasha iLCS Biometric System.
UGodongwana uthe ufisa uphenyo lube seluphelile ezinsukwini eziwu-60 ezizayo futhi luzolandela yonke imithetho.
“Sizibophezele ekutheni umsebenzi weGPAA uqhubeke kahle futhi nasebethathe umhlalaphansi baqhubeke nokusithemba. UmGcinimafa uzimisele ukubeka konke obala kepha ebe ehlonipha lonke uphenyo oluqhubekayo,” kusho yena.
Umkhulumeli weCongress of South African Trade Unions uNksz uZanele Sabelo uthe bayakuthakasela ukuthi uGodongwana uqale uphenyo ngezinkinga zeGPAA emva kokuthi isikhulu sayo esiphezulu siphasise ukuqashwa kwebhilidi ngoR1 billion iminyaka eyishumi. Uthe inkinga wukuthi akekho okwazi ukungena kuleli bhilidi.
“Kubalulekile ukuthi kubenophenyo ngoba iGPAA iphethe imali yezisebenzi eziwu-1.7 million, kuzona okukhona nesezithathe umhlalaphansi. Phela uNkk uMadiehe usayine isivumelwano sokuqasha ibhilidi nenkampani engenabhilidi iShula Developers futhi nayo engakwazi ukungena kulo. Le nkampani ibuye yathola inkontileka kaR239m yokulungisa leli bhilidi. Isikhokhelwe uR60m wemali yokulungisa ibhilidi,” kusho yena.
Uthe uphenyo luzoqinisekisa ukuthi iGPAA iqinisa isandla ngendlela ekhipha ngayo imali yezisebenzi zikahulumeni.
Uphethe ngokuthi bafuna bajeze abazotholwa benecala futhi bafuna ibuye nemali esikhokhelwe abantu abangenabhilidi.
.

