Ekhuluma eStellenbosch University, lapho ewushansela khona, umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi kudingeka imithetho ukulawula izikweletu zamazwe. Isithombe: Sithunyelwe

Kunobungozi ukuxegisa imithetho elawula imali: uKganyago 

YINTATHELI YOMBELE 

UMPHATHI weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uxwayise ngobungozi bokuxegisa imithetho elawula izimali njengoba ekhala ngokwanda kwezikweletu zamazwe, ukuguquka kwesimo sezulu nama-crypto currency

Ekhuluma ngoLwesine nabophiko lwezomthetho eStellenbosch University, lapho ewushansela khona kwi-Annual Financial Regulation Law Public Lecture, uthe ukuxegisa umthetho olawula imali kungeza nezingozi ezintsha emhlabeni kwazise amazwe anezikweletu ezinkulu, abhekene nenkinga entsha yokuguquguquka kwesimo sezulu okuhambisana nokulimala kwemvelo futhi kunezimali ezingalawulwa ezivumbukayo, ama-crypto currency

Ugcizelele ukuthi umthetho kufanele “uhlakaniphe” ngoba kuningi ukungalingani okukhona kusukela phakathi kwamazwe kuya emphakathini. 

“Uma sizimisele ngempela ngokushintsha umthetho othinta ukusebenza kwemali kufanele siqinisekise ukuthi silungisa ukungalingani okuphakathi kwamazwe ngokomnotho. Asilungise ukuthembela komnotho kwipolitiki yezwe. Sikhumbule ukuthi umhlaba usebenza ngendlela eyingozi manje njengoba izenzo zethu zicekela phansi imvelo. Isimo sezulu sesiguquguquka ngendlela ehambisana nomonakalo. Asikwazi ukuvele sishintshe nje imithetho kodwa kufanele sibheke konke okwenzekayo ngeso elikhaliphile,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/11/iningizimu-afrika-inemali-eyanele-yokusiza-ezimweni-eziphuthumayo-ukganyago/ 

Utshele abafundi nezisebenzi zaseStellenbosch ukuthi basebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi yonke imikhakha iyasebenzisana ukufukula umnotho nokunika abantu ulwazi oluyilo. 

“Kuhlale kuyinjabulo enkulu ukusebenzelana nabafundi nezisebenzi zaseStellenbosch University. (Siyabonga) kuMnu uGys Steyn ngokusungula uphiko olugxile emthethweni wezimali, i-Financial Regulation Law. ENingizimu Afrika siyaludinga uphiko oluzohlanganisa abashaya umthetho nabasebenza ngawo ukuze abantu baqonde ngokwenzekayo.”

Ecabanga ngamashumi amane eminyaka akhe ekwenzeni inqubomgomo yezezimali, uphawule wathi: “Kulesi sikhathi izingozi eziphazamisa ukusimama kwezezimali ziloku zivelile futhi abalawuli bezimali baye baphuza kakhulu ukuzibona nokuzilungisa lezi zinkinga.”

Uphethe ngekhwelo elinamandla lemithetho ehlakaniphe kakhulu, hhayi entekenteke: “Asikudingi ukuhoxisa imithetho, kunaloko sidinga ukulawula ngobuhlakani. Ukuguquguquka kwesimo sezulu kudinga sonke sisukume. Izikhungo zemfundo zizenocwaningo oluzosilekelela futhi zisikhuze uma singenzi kahle.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page