Ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi ufuna kubuye amandla abahloli abagada ukuxhaphaza izisebenzi ngemali yempesheni
YINTATHELI YOMBELE
EMVA kokubona ukuthi baningi abaqashi abangayifaki imali yezisebenzi zabo ezikhwameni zempesheni ezifanele yize beyidonsa emholweni yabo, ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi uthi ufuna ukushintsha umthetho wezisebenzi ukuze abahloli bakwazi ukuphoqa abaqashi ukukhokha le mali.
UNkk uMeth uthe ngo-2003 kwabanoshintsho esigabeni 50(1)(a) somthetho wezisebenzi i-Basic Conditions of Employment Act (iBCEA). Loku kwakwenzelwa ukuthi umsebenzi owenziwa ngabahloli ungaphazamisani nowenziwa yiHhovisi lomXazululi weziNkinga zeziMpesheni.
Uthe udaba lokunika abahloli amandla uselwethulile kwiNational Economic Development and Labour Council (iNedlac), isigcawu sabaqashi, izinyunyana nosomabhizinisi, lapho lwemukelwe kahle khona.
Uma esekwazile ukuchibiyela umthetho onika abahloli amandla kusho ukuthi bonke abaqashi abangayikhokhi imali yempesheni ezikhwameni ezifanele bazojeziswa wumnyango.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/08/aphelile-amahlathi-okucasha-ezinkampanini-zonogada-ezingayikhokhi-impesheni/
“I-Financial Sector Conduct Authority (i-FSCA) ithole ukuthi izisebenzi eziwu-31 000 zikweletwa uR5.2 billion wemali yempesheni ngenxa yokuthi kunabaqashi abangayikhokhi imali ezikhwameni zempesheni, yize beyidonsa kwizisebenzi.
“Lo mkhuba ngizowuqeda ngoba uma abahloli sebenamandla bazobheka ukuthi izinkampani zilandela umthetho nokuthi bayayikhokha yini imali yempesheni ezikhwameni ezifanele. Uma bengayikhoki bazohlawuliswa futhi siqinisekise ukuthi imali yezisebenzi ifakwa ezikhwameni ezifanele,” kusho yena.
Uthe usexoxe nePension Funds Adjudicator, iFSCA neHhovisi lomGcinimafa ukuze kungaphazamiseki indlela lezi zikhungo ezisebenza ngayo.
Ukhumbuze abaqashi ukuthi isigaba 34A seBCEA sikubeka kucace ukuthi abaqashi kufanele bakhokhe imali yempesheni yezisebenzi esikhwameni esifanele kungakadluli izinsuku eziyisikhombisa emva kokuyibamba emholweni.
I-Federation of Unions of South Africa (iFedusa) isishayele ihlombe isimemezelo sikangqongqoshe womNyango wemiSebenzi sokubuyisa amandla abahloli. Ithe kufanele engabe kudala kwenzeka.
UNkk uBetty Moleya, okhulumela iFedusa, uthe abaqashi abangayikhokhi imali yezisebenzi ezikhwameni ezifanele abanamahloni, abasabi ngisho sekushicilelwa amagama ezinkampani zabo ashicilelwa yiFSCA.
“Uma abahloli bebuyelwa ngamandla izisebenzi zizovikeleka ngoba ziqolwa impesheni ngabaqashi abayidonsa emiholweni yazo. Abaqashi ababamba imali yempesheni kodwa bangayidluliseli ezikhwameni bande kakhulu embonini yokuhlanza, eyenogada nakohulumeni basekhaya (omasipala),” kusho yena.
Uthe ukungakhokhi impesheni yezisebenzi nakuba ibanjwa emiholweni yazo kuwubugebengu futhi kufanele uhulumeni ushaye umthetho ozobopha abaqashi abenza lo mkhuba futhi uma behlawuliswa bahlawuliswe imali ezwakalayo.

