Osomatekisi bangasali ebhasini ngezicelo zokuxhaswa – usoseshini
YINTATHELI YOMBELE
UMKHANDLU omele osomatekisi eNingizimu Afrika iSouth African National Taxi Council (iSantaco) ukhumbuza ukuthi bafake izicelo zokusizwa ngemali kwiTaxi Relief Fund (iTRF).
I-TRF yisikhwama esasungulwa wumNyango wezokuThutha ukusiza osomatekisi abalahlekelwa ngesikhathi kuvalwe izwe emva kokubheduka kwe-Covid-19.
Okhulumela iSantaco ezweni lonke uNkk uMmatshikhidi Phala uthe abanikazi bamatekisi kufanele bafake isicelo sokusizwa ngemali kungakadluli u-Okthoba 31 walo nyaka.
“Sikhumbuza abanikazi bamatekisi ukuthi bafake izicelo zeTRF ngoba zizovalwa emva kwango-Okthoba. Sibakhumbuza ngoba akusibona bonke asebefake izicelo, yize lolu hlelo lwavulwa ngesikhathi se-Covid-19.
“Okwamanje bawu-73 000 asebefake izicelo kanti bakhokhelwa imali engaphezu kwangoR414 million. UmNyango wezokuThutha ubeke uR408m ozongena kwiTRF kulo nyaka. Sinxusa abanikazi bamatekisi ukuthi bafake izicelo,” kusho yena.
Uthe umnikazi wetekisi uthola uR7 200 ngetekisi ngayinye enemvume yokusebenza, lapha kubalwa nezimoto ezithutha izingane zesikole.
Uthe kudingeka abanikazi bamatekisi bafake izicelo zeTRF ngokungena ku: https://trf.transport.gov.za/, bafake ikhophi yomazisi egxiviziwe, incwadi enekheli lomnikazi wetekisi, incwadi yasebhange nayo egxiviziwe. Ngeminye imininingwane abanikazi bamatekisi bangashayela ku-0860 159 159 phakathi nezinsuku kusukela ngo-8 ekuseni kuya ngo-5 ntambama futhi bangathumela imibuzo nango-WhatsApp kwinombolo ethi: 083 458 5518.

