Izitolo zobuchwepheshe ezinjengeTemu zisolwa ngokubaneqhaza elikhulu ekuwiseni izitolo ezincane ezidayisa izingubo zokugqoka zaseNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Izitolo zobuchwepheshe zemfashini zimise kabi izitolo zabasafufusa

WU-AZWIDOHWI MAMPHISWANA

IMBONI esebenza ngendwangu yaseNingizimu Afrika ibhekene nempi engakaze iyicabange evela ezitolo zobuchwepheshe ezidayisa izingubo ezinjengeShein, i-AliExpress neTemu.

Lezi zinkundla zobuchwepheshe ezishesha okonyazi zidiliva ama-top kaR30 nezingubo zikaR80 ezifika qathatha emnyango wamakhasimende, okusheshayo kunezindlela ezindala zokuthenga nokumisa kabi abathungi nabadayisi bezingubo bezwe. Kubathengi baselokishini, izitolo ezisafufusa zezingubo ngisho nakubathungi abaphakathi nendawo loku kusho ukuphuthelwa yithuba lokudayisa.

I-Reuters yabika ngo-Agasti ukuthi iShein neTemu sezidle u-3.6% wemboni yezingubo nendwangu, eyezicathulo neyesikhumba yaseNingizimu Afrika ngo-2024, benza uR7.3 billion ngokudayisa. Bobabili sebelawula u-37.1% wemboni yokuthenga izingubo ngezinkundla zobuchwepheshe zaseNingizimu Afrika kanti iShein iyodwa iphethe u-28% wezingubo zabantu besifazane ezidayisa kulezi zinkundla. Kubantu abasha nabagada imali abayikhokhayo ayikho into eheha njengezingubo ezisheshayo nezingabizi.

IShein, i-AliExpress neTemu, okungafani nezitolo zakudala, basebenza ngokudayisela amakhasimende ngqo. Ngenxa yama-influencer kuTikTok nezikhangiso ze-Instagram ezinyusa ukudayisa, lezi zinkundla zokudayisa zobuchwepheshe zimandla entsheni ebheka amanani uma ithenga.

Indaba yamandla ephakethe ngeke iphikwe. Ngenxa yokushoda kwemisebenzi okuwu-33% eNingizimu Afrika, imindeni eminingi kufanele ikhethe phakathi kokutheng ukudla, ukugibela nezingubo zokugqoka. Nokho impahla eyodwa ethengwa phesheya ngalezi zinkundla zobuchwepheshe isho ukuphunyuka kwesinkwa kubadayisi abasafufusa basezweni.

Abaholi bemboni nabantu abashaya imithetho nabo bakhala leso. Emhlanganweni wokuphela konyaka weCape Clothing & Textile Cluster (iCCTC) ngoJuni wango-2025 iphini likangqongqoshe womNyango wezoHwebo neziMboni uMnu u-Andrew Whitfield waxwayisa ngokuthi “izimpahla ezithengwa phesheya, ikakhulu ezase-Asia, zibhokile kule mboni, okuwisa abakhiqizi basekhaya futhi kubeneqhaza ekulahlekeni kwemisebenzi”. 

Okunye wukuthi kucekela iqhinga lokuvusa le mboni i-Retail-Clothing, Textile, Footwear and Leather (R-CTFL) Master Plan, ehlose ukusimamisa imboni yezwe ngo-65% ngo-2030. 

I-CCTC inegalelo elikhulu ekuxhaseni amabhizinisi asezweni. Umeluleki omkhulu weBMA nongumdidiyeli omkhulu eKapa naKwaZulu-Natal uNks uCourtney Grant naye uyabalisa. Uthe: “Ngikhathazekile ngokwanda kokuthenga izingubo zokugqoka zaphesheya. Isikhalo esikhulu semboni wukuthi kudla umsebenzi kakhulu kanti akuqhudelani abantu abalinganayo.”

Uthe nakuba izinguquko zomthetho ezintsha zilungisa indaba yokugwema ukukhokha intela kodwa kunesikhalo ngendaba yokusebenzisa izinto zalapha ezweni. “Nakuba kunezinselelo kodwa iCCTC iyazama ukuhambisana nokuthuthuka kwezobuchwepheshe nendlela yokwenza izinto emhlabeni jikelele,” kusho uNks uGrant.

Abasikingqephu basezweni banovalo ngomsebenzi wabo wobuciko. Kwi-Take a Stand March ekuqaleni kwalo nyaka amabhizinisi asafufusa asezweni asola lezi zinkundla zokuthenga ngobuchwepheshe zintshontsha imisiko yawo bese ziwadayisa ngemali encane.  

Ekhuluma kwiSoweto Fashion Week, uNks uSindisiwe Masemola wathi: “Ukuqhudelana nezimpahla zaphesheya ezingabizi kwenza kubenzima kithina ukufinyelela kubantu abaningi.”

Abasikingqephu baseNingizimu Afrika abadayisi izingubo zokugqoka kuphela kodwa futhi badayisa ubuthina nobugugu bezwe, into lezi zinkundla zobuchwepheshe zokudayisa ezingasoze zakwazi ukuyenza. 

Njengoba asho kwiSA Fashion Week umsikingqephu uMnu uShaldon Kopman weNaked Ape, wathi: “Impahla ngayinye ye-Urban Camo inobunjalo bezwe. Ayiyona imfashini esuselwa emhlabathini kodwa yenziwe ngomhlabathi uqobo.”

Abantu ababuyekeza imithetho nabathengi baneqhaza okufanele balibambe. Ephalamende uNks uMathapelo Siwisa omele i-Economic Freedom Fighters naye wakhala ngezimpahla zaphesheya ezishibhile.

“Ukwanda kombango nezimpahla zaphesheya ngenxa yezimpahla zaphesheya ezishibhile nokuhluleka wukushaya imithetho evikela le mboni kuholela ekuyiwiseni,” kusho yena.

Isikhulu esiphezul seProudly SA uMnu u-Eustace Mashimbye sigcizelela ukuthi ukuthenga izimpahla zasezweni akusho ukuthanda izwe kuphela kodwa kuvikela imisebenzi, kwandise isidingo sezimpahla zasekhaya futhi kudale amathuba amasha.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page