Baxazulula inkinga yokungcola ngamadramu
WU-AFHULUFHEDZEAHO OLGA MULAUDZI
INSIZWA yaseDaveyton, eMpumalanga yaseGoli, iphendule amadramu abayindawo yokuwasha ewumahambanendlwana. Lo mqondo owaqala umncane usuyibhizinisi elidlondlobalayo nelingabizi elixazulula inkinga yezikole, imicimbi namabhizinisi eGauteng.
Ngenkathi uMnu uKagiso Ranyawa kuwa ibhizinisi lokuwasha izimoto elifinyelela lapho amakhasimende ekhona ngenxa yokuvalwa kwezwe ngenxa ye-Covid-19 kwafanele ukuthi acabange indlela entsha yokuthi ibhizinisi elihambayo lingazixazulula kanjani izinkinga zamakhasimende.
Ngemva kweminyaka emihlanu, le nsizwa eneminyaka ewu-33 ikhuze ibuya ngebhizinisi elidlondlobalayo eGauteng namaphethelo. “Ngakhuthazwa yisidingo sokufisa ukuxazulula inkinga yangempela yokuhambisa amanzi lapho kungelula khona,” kulanda yena.
Nakuba umqondo wezindishi ezihambayo wawungemusha kodwa uRanyawa wahlangana nabakhiqizi bangakubo ukuphumelelisa umqondo wakhe omusha. Idramu ngalinye linamasondo, umpompi, usinki nendawo yephepha lokusula, okwenza lihambe kalula.
“Siwalethe kubantu kanti bawathakasele (amadramu). Amadramu ethu enziwe aqina, angabiza futhi asebenziseka kalula kubantu,” kusho uRanyawa.
ITshimologo Hygiene Solution iyawadayisa noma iwaqashise amadramu. Abiza kusukela kuR8 000 kuya kuR10,000, kanti ukuwaqasha kuwuR500 ngosuku kuhlangene nensipho namathawula okugeza izandla.

URanyawa uzibambele mathupha umsebenzi kanti unethimba eliyitoho labantu ababili kuya kwabane abamlekelela ngokudiliva nomsebenzi wasehhovisi. Amadramu athuthwa ama-trailer nezimoto aziqashayo. Amakhasimende akhe yizikole, izinhlangano ezingenzi nzuzo, abantu abahlela imicimbi namabhizinisi amancane.
“Isidingo samadramu siseGauteng kanti sikhona nasezifundazweni ezinjengeMpumalanga Kapa nakwamanye amazwe njengeBotswana,” kusho uRanyawa. Uthi: “Siyakhula kancane, kancane isidingo njengoba indaba yenhlanzeko nokonga imvelo ingena kubantu.”
Into esungulwe wuRanyawa ifika ngesikhathi iNingizimu Afrika ibhekene nenselelo yenhlanzeko. Njengoba iwu-45% kuphela imizi enamanzi ngaphakathi no-50% alandelisisa indaba yokugeza izandla ngensipho, izixazululo ezinjengeseTshimologo Hygiene Solution ziya ngokwanda.
Ngokwezinhlelo zangomuso, iTshimologo Hygiene Solutions ihlose ukukwazi ukuzakhela amadramu futhi isabalalele kwezinye izifundazwe namanye amazwe. “Ngokuxhaswa ngemali, singakwazi ukusimama, sidale imisebenzi futhi sifinyelele kwezinye izindawo,” kusho uRanyawa.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: Tshimologo Hygiene Rentals
Instagram: tshimologo_hygiene
X: @tshimo_hygiene
TikTok: tshimologohyigienesolutions

