Sekuzoba lula ukuthumela imali emakhaya noma ngabe abantu basebenza kuliphi izwe njengoba iMukuru isisebenzisana neMoneyGram. Izithombe: Zithunyelwe

IMukuru isizosebenzisana neMoneyGram

YINTATHELI YOMBELE

INKAMPANI enkulu yobuchwepheshe bemali iMuruku imemezele ukuthi isizosebenzisana neMoneyGram, inkampani yobuchwepheshe bemali emhlabeni. 

Ukusebenzisana kwalezi zinkampani kusho ukuthi sekuzobalula futhi ngeke kusamba eqolo ukuthumela imali kubantu abasebenza phesheya nakwamanye amazwe ngisho nawase-Asia.

I-Mukuru neMoneyGram inamakhasimende angabantu abajwayelekile abasuke beye kwamanye amazwe ngenxa yamatoho nosomabhizinisi abafuna ukuhweba nabantu bakwamanye amazwe.

Isikhulu esiphezulu seMukuru uMnu u-Andy Jury sithe ubuchwepheshe balezi zinkampani zombili benza impilo ibe lula kubantu abathumela futhi kuphephe ukuthumela imali emakhaya noma kwamanye amabhizinisi abahweba nawo. 

“Kuyingqophamlando ukusebenzisana kweMukuru neMoneyGram, sesiwelele kwamanye amazwe. Ngeke sibe khona isidingo sokuthi abantu bathumele imali ngesandla kodwa sebeyithumela ngobuchwepheshe obuphephile. Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi imali ethunyelwa kwamanye amazwe iyasheshe ukufika, iphephile futhi akekho umuntu osala ngaphandle,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/03/23/i-fnb-ithe-ukuthumela-imali-nge-ewallet-kunyuke-ngo-12-njengoba-kuthunyelwe-ur31-billion-izikhawu-eziwu-56-million-leli-bhange-lithe-bawu-7m-abantu-abasebenzisa-i-ewallet/

Iphini likamengameli weSales Africa eMoneyGram uMnu uCollin Marnewecke uthe ubudlelwano babo bukhombisa ubuhle bobuchwepheshe nokusebenzisana kwezinkampani ezinkulu, ukuletha izisombululo kubantu. 

“Sikhethe ukusebenzisana neMukuru ngenxa yokuthi yiyona esizakhele udumo nokuthenjwa e-Afrika eseningizimu ngenxa yezisombululo zayo zokusiza abantu abathumela imali. Ukusebenzisana kwethu nabo kukhombisa ukuthi sibakhathalele abantu ukuthi bakwazi ukuthumela imali kunoma yimaphi amazwe esisebenza kuwona ngaphandle kwezindleko ezinkulu. Asifuni ukushiya abantu kwezobuchwepheshe,” kusho yena. 

Isikhulu seMukuru uMnu uJury

Amakhasimende eMukuru asezokwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe beMoneyGram ukuthumela noma ukuthola imali emazweni ase-Asia, aseMpumalanga naseNtshonalanga ye-Afrika futhi azokwazi ukukhetha ukuthi imali ayifuna iwukheshi noma ithunyelwe kuma-akhawunti awo asebhange noma kwimaselula.

Amakhasimende eMoneyGram wona azokwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe beMukuru ezitolo ezingaphezu kweziwu-1 250 nama-agent asebenzisana nale nkampani e-Afrika eseNingizimu, okuzoqinisekisa ukuthi imali itholakala kalula futhi ukuyithumela nokuyamuleka kuphephile. 

Akekho ozosala ngaphandle njengoba lezi zinkampani zisiza abanama-akhawunti asebhange nabangenawo. 

Ubuchwepheshe buhamba phambili kulezi zinkampani okuzoqinisa ukuphepha nokushesha komsebenzi. 

Ngeke abantu balinde ukuthola imali njengoba konke kuzokwenzeka ngokushesha. 

Abantu bazokwazi ukusebenzisana i-app yeMukuru, uWhatsapp, i-USSD nezinye izindlela zobuchwepheshe ezihambisana namakhasimende ale nkampani. 

Konke loku kuzokwenzeka kalula ngaphansi kweso lezinkampani ezilandela umthetho futhi ezinezinhlelo zokuphepha eziqinile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page