Isiteleka samatekisi aseThekwini sishaye kwezwela kubagibeli namabhizinisi, kusho iDurban Chamber of Commerce and Industry. Isithombe: Sithunyelwe

Siphazamisa amabhizinisi isiteleka samatekisi – iDurban Chamber

WUBONISWA MOHALE 

INHLANGANO ekhulumela osomabhizinisi eThekwini iDurban Chamber of Commerce and Industry ithi kufanele basheshe baziswe abantu uma kuzobanesiteleka samatekisi ngoba siphazamisa umphakathi namabhizinisi. 

NgoLwesibili osomatekisi bakasoseshini iClermont & KwaDabeka baqale isiteleka emva kokuboshwa kwamatekisi awu-30, okuthiwe asebenza ngaphandle kwezimvume. 

Yize isiteleka siqale eClermont kodwa izolo kume wonke amatekisi eThekwini njengoba bonke abemboni yawo bebekhala ngokuthi uhulumeni awuzikhiphi izimvume zokusebenza kodwa uyawabopha amatekisi. 

I-Durban Chamber ithe okwamanje ayinazo izibalo eziveza ukuthi isiteleka samatekisi eThekwini silahlekisele umnotho wedolobha ngemali engakanani kodwa okubonakele wukuthi abasebenzi bebeshoda futhi kungasebenziki kahle emabhizinisini ahlukene. 

Ithe osomabhizinisi abancane abadayisa emgwaqweni yibona abashayeka kakhulu ngoba bancike ebantwini abasuke beze eThekwini bezokwenza izinto ezihlukene.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/02/kusinda-kwehlela-embonini-yamatekisi-ngenxa-yezikweletu-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Icele uhulumeni ukuthi uma kwenzeka isimo esifanayo ngokuzayo kufanele usheshe wazise osomabhizinisi nomphakathi ukuze bakwazi ukuzihlelela kahle.

Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ibize umhlangano ophuthumayo nemboni yamatekisi nongqongqoshe womNyango wezokuThutha KwaZulu-Natali uMnu uSboniso Duma. 

Izolo ebusuku uDuma uthe isiteleka sesiphelile njengoba kuvunyelwene ngokusungula ithimba elihlanganisa zonke izinhlaka zezimoto ezithutha umphakathi nezikahulumeni futhi maduzane kuzobanengqungquthela yemboni yokuthutha ezohlanganisa abamatekisi nabezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile. 

Usihlalo weSouth African National Taxi Council eDurban West uMnu uMathula Mkhize uqinisekisile ukuthi siphelile isiteleka futhi kuzobanengqungquthela ezokwenziwa ukuze kutholakale izixazululo ezinkingeni ababhekene nazo beyimboni yamatekisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page