Omunye wabasikingqephu akade becijwa amakhono abazokhangisa okokuqala kwiDurban Fashion Fair ezoba seDurban Exhibition Centre kusukela mhlaka-17 kuya mhlaka-19 wangoSepthemba. Isithombe: Sithunyelwe

Lusukile ushikishi ngeDurban Fashion Fair yangalo nyaka

YINTATHELI KAMASIPALA 

ASEQALILE ukudayisa ngokusemthethweni amathikithi ombukiso wemfashini waminyaka yonke owenziwa wuMasipala waseThekwini iDurban Fashion Fair (iDFF), okuzobe kungunyaka wesi-14 wenzeka kulo nyaka. Uzoqala ngomhlaka -17 kuya kumhlaka-19 wale nyanga eDurban Exhibition Centre.

Indikimba yalo nyaka ithi “The Awakening”, okusho ukuphaphama, kulindelekele ukuthi ibewumgubho oshukumisa ubuciko, ukwenza izinto kabusha nengqephu ehlukene. Uzohlanganisa abasikingqephu abawu-60 baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/22/kubalwa-izinsuku-ngaphambi-kokuqala-kwedurban-fashion-fair/

I-DFF yenziwa wuMasipala waseThekwini ozibophezela minyaka yonke ukusimamisa nokukhangisa imboni yobuciko. Iyindawo lapho kukhangiswa khona imfashini ehlukene, kusukela kwegqokwa nsuku zonke kuya kweyemicimbi ethile. Zikhona nezimpahla zezingane nezabantu bonke, iwumbukiso okhombisa ikusasa lemfashini. Kuzobakhonanesitolo sokuthenga izingubo sezihambeli. 

Amathikithi atholakala kwaBoxer nasePick n Pay ezweni lonke noma ku: www.webtickets.co.za. Amathikithi angathengwa ngokusebenzisa le-link elandelayo: https://share.google/i24p7QaO9Ol59mSBW

Amathikithi ahlukaniswe kanjena: 

1) U-R120 wombukiso owodwa;

 2) U-R250 ukubuka imibukiso emine yasebusuku;

 3) U-R500 wokuba yisicukuthwane, uhlale ezihlalweni eziphambili, utotoswe njengomntakabani, ubuke imibukiso emine yasebusuku;

4) U-R500 wokubuka imibukiso yezinsuku ezintathu, ufinyelele kuzo zonke izinhlelo.

Usihlalo wekomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kumasipala uMnu uThembo Ntuli ugqugquzele abantu ukuthi bawuseke lo mcimbi nemboni yemfashini kuleli dolobha.

“Sinxusa umphakathi ukuthi uphume, uthenge amathikithi weseke abasikingqephu bethu, ikakhulu abawu-17 abasebenze ngokuzikhandla ezinyangeni ezimbalwa ezidlule ukulungiselela lo mzuzu wokuthula imisebenzi yabo. 

“Lo mbukiso uwumgubho wokuveza ithalente laseThekwini futhi uwubufakazi bokuzibophezela kukamasipala ekutshaleni imali embonini yobuciko,” kusho yena.

Uhlelo lwemibukiso luqala ngo-6 ntambama, uphele ngo-9 ebusuku.

Ngobusuku bokuvula bomhlaka-17 wangoSepthemba, umbukiso unabasikingqephu abalandelayo: iBlack Excellence Clothing Brand, iDFANT, uCarita Adams, i-Eagle Haute Couture, Iqasha House of Fashion, iNtsasa Creation and Trading, uKaren Monk Klijnstra, Ezobukhosi Designs, uPhumzist, iSaneps Techwear, i-AZM Fashion Creations, i-Earth Tones Designs, iFlott Duka, iS.H.I.L.K, ZAH Creation Couture, i-Eagle Eye Clothing, iSM Creations, i-Curved Indlovukazi, INkosana,u-UP_Phelele noPaul Kotini.

Ngomhlaka-18 wangoSepthemba kuzobe kukhangisa iModesta, uNkosazane, u-Enhle Babes Couture, Ulolisa, iSistas Felas, iYatsar, i-Afrodiziaq i-Progrtto, uZulu Madame, uMphosh Brands, iVyagor Louvre, uJado Mjadu, uZola Ndlovu, uNomalawee, iMonarch Detailer, uPrecious Lulu Couture, u-Eullue, Zwandyy, uZerotolerance iLuxury Streetwear, uNox Couture noZamaswazi.

Ngobusuku bokugcina bombukiso we-DFF ngomhlaka-19 wangoSepthemba 2025 kuzogqama iqoqo leDFF lango-2025, lapho abafundi abawu-17 beqala ukwenza into yabo ebiphekwa ezinyangeni ezimbalwa ezidlule. 

Bazobakhona nabasikingqephu abadumile ngosuku lokugcina, okubalwa iVallure, i-EYC Couture, iVictor Fashion Kingdom, uDUKE Clothe Your Soul, uSibu Msimang, uKireshen Chetty, uMita-N-Dzyns, uKarla Lortan neSompire Femme kaSomizi. 

Bazobebekhona nabasikingqephu baseNamibia naseZimbabwe ngobusuku bokugcina, begqamisa ukubaluleka kokubambisana ukuthuthukisa imboni yendwangu.

Ekhuluma ngaphambi kombukiso, uSomizi uthe: “Akaze ngicabange inkundla efanelekile njengeDurban Fashion Fair ukuthula ngokusemthethweni  iSompire Femme of Somizi. Lezi zingubo zibungaza abantu besifazane ababonisa amandla, ubuhle, nokuziveza indlela abayiyona ngaphandle kokuhloniza.” 

I-DFF izophetha ngomcimbi wokuhlonipha abasikingqephi i-DFF Recognition Awards ngomhlaka-26 Septhemba. 

Ukuthola konke ngalo mbukiso, landela iDurban Fashion Fair kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page