I-Sassa izoqinisa ibhawodi ukuze izibonelelo zikahulumeni ziholwe ngabafanele
YINTATHELI YOMBELE
ZIYAQINA izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imali kahulumeni iya kubantu abaswele ngempela njengoba inhlangano ekhokha izibonelelo iSouth African Social Security Agency (iSassa) imemezele ukuthi bazogingqa izithupha, bathathe nezithombe abahlomuli ekuqaleni kwangoSepthemba.
Izolo ungqongqoshe womNyango wezeNhlakalahle uNks uSisisi Tolashe utshele iKomiti lezeNhlakalahle ePhalamende ukuthi sesiphelile isivumelwano sokuhola izibonelelo akade benaso neSouth African Post Office (iSapo), okusho ukuthi abantu abahola izibonelelo ePostbank ngeke besazithola khona.
“Kubalulekile ukuthi ngicacise ukuthi ukuphela kwesivumelwano seSassa neSapo akusho ukuthi abantu ngeke bazithole izibonelelo zabo. Bazoqhubeka nokuzihola. Ingqalasizinda yeSassa ebisetshenziswa yiPostbank isizosetshenziswa ohlelweni olusha lokugingqisa abantu izithupha nokubashutha njengoba sesisebenzisa ubuchwepheshe besimanje,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/03/bahlaba-ikhwelo-lokuthi-uhulumeni-unyuse-izibonelelo/
Ziningi izinhlelo abazenzayo zokuqinisekisa ukuthi imali iya kubantu abafanele. Kuzona ubale ukuqinisekisa ukuthi abantu abathola izibonelelo abasebenzi noma bahola imali encane nokuthi bazogingqa izithupha futhi bashuthwe nezithombe.
Kubantu abawu-19 million abathola izibonelelo zikahulumeni, abawu-3m bazihola ePostbank njengoba yabelwa uR3 billion wemali yezibonelelo.
Usihlalo wekomiti uNksz uBridget Masango uthe bazoya ezindaweni ezisemakhaya ukuyobheka ukuthi ukuvala kwemishini yokuhola izibonelelo kuzobanamuphi umphumela ebantwini.

