Benza impilo ibelula ngokudiliva ukudla, imithi namaphasela elokishini
WU-AFHULUFHEDZEAHO OLGA MULAUDZI
EMALOKISHINI aseNingizimu Afrika osomabhizinisi abancane baqopha umlando omusha ngokuqala amabhizinisi. Elinye lalawo mabhizinisi yiMoovy Delivery, ibhizinisi laseSoweto elidiliva izimpahla ngosuku, elisiza amabhizinisi endawo, amaspaza nezakhamuzi ngokubahambisela ukudla, imithi namaphasela ngokushesha nelakha imisebenzi futhi livulele intsha amathuba.
Umsunguli weMoovy Deliveries uMnu uNhlanhla Nkosi, oneminyaka ewu-24, uthi umqondo webhizinisi wamfikela ngokubuka indlela izinto ezenzeka ngayo.
“Uhambo lwami lwaqala erenki yamatekisi nomalume wami owayeshayela itekisi. Yilapho isifiso sami sokubanamatekisi namaloli safika khona. Ngemva kweminyaka, ngisebenza esikoleni, ngaqaphela ukuthi kwakunzima kubantu engisebenza nabo ukuthola ukudla. Babejwayele ukungicela ukuthi ngiba-odele ngoba ngangazi amahontshi anokudla okumnandi. Ngalibona kanjalo ithuba,” kulanda yena.
Emva kokubhuntsha kwebhizinisi lokudiliva ukudla nomunye umuntu, uNkosi usungule iMoovy ngoFebhuwari kulo nyaka. Le nkampani, esiqashe abantu abayisithupha ngokugcwele nabathathu abayitoho, isebenza zonke izinsuku ngoWhatsApp. Isebenzisana nezitolo zendawo ezingaphezu kweziwu-40.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/16/babona-ithuba-lokudiliva-ukudla-emalokishini-bagxuma-bahlala-baxoxe-nosimangaliso-ntshangase/
UNkosi uthi kunezinselelo zamihla namalanga ababhekana nazo, okubalwa kuzona izinga lobugebengu eliphezulu emhlabeni.
“Omunye wabasebenzi bethu usanda kubanjwa inkunzi. Bathatha ucingo lwakhe, imali nebhayisikili lakhe. Okunye wukuthi ukusebenzisa umgwaqo nabashayeli bezimoto abangenandaba nabantu bamabhayisikile kuyingozi nsuku zonke.
“Ngenxa yokuthi yonke into esiyenzayo siyenza ngoWhatsApp, mningi umthamo wama-oda. Nendaba yemali yomsebenzi inzinyana, njengoba amabhizinisi amancane edinga imali ngokushesha kodwa izindlela zokukhokha zithatha usuku noma ezimbili ngaphambi kokuthi imali ingene kwi-akhawunti,” kusho uNkosi.
Nakuba kunalezi zinselelo kodwa igalelo liyabonakala. “I-oda ngalinye liseka ikhishi lendawo, ispaza noma ikhemisi. Senzela wonke umuntu impilo ibelula ngokuhambisela abantu abadala ukudla, abantu ukudla okushisayo namaphasela amancane kumaphanta, sibesakha imisebenzi entsheni ngokuyifundisa umkhakha wezokuthutha, ukunakekela amakhasimende nokufundisa ngokuphatha imali.”
Amakhasimende nosomabhizinisi abancane bayawubona umehluko. UMnu uThembeka Damba, elinye lamakhasimende, uthi iMoovy Deliveries uyisebenzisa kahlanu ngenyanga.
“Idiliva ngesikhathi, amanani ayo awabizi kanti umsebenzi wayo muhle. Ithembekile kanti yenza kubelula kimina ukusebenzela ekhaya.”
UNkosi unombono omkhulu. Ufisa ukuthi inkampani igcine isinoxhaxha lwamabhayisikili ahamba ngogesi futhi ingagcini ngokuthutha izimpahla kodwa igcine isithutha abantu ngelinye ilanga.
Ezweni elinenselelo yokushoda kwemisebenzi entsheni namabhizinisi amancane athwele kanzima, iMoovy Delivery iwubufakazi bokuthi ukwenza izinto ngezindlela ezintsha nokuphokophela kudala amathuba omsebenzi, kufukula umphakathi futhi kubeneqhaza ekuthuthukiseni umnotho wasemalokishini.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

