Abanye babasunguli bebhizinisi elidayisa imfuyo laseThekwini iKwaBhekumndeni Livestock, uMnu uThokozani Mthethwa noMnu uThulani Zithwana. Isithombe: wuThobile Zwane

Abangani babheka umndeni ngemfuyo 

WUTHOBILE ZWANE

IGAMA lebhizinisi liwuchaza kahle umbono webhizinisi lemfuyo labangani laseNtshongweni, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali. 

IKwaBhekumndeni Livestock, okungelinye lamagama omunye wabanikazi balo, lihambisana nemindeni yabo, imuva labo nomphakathi wabo, intshisekelo yokunakekela imindeni nokusiza umphakathi. Badayisa izimbuzi, izinkomo, izimvu nezinkukhu eNtshongweni Dam, ngaseHillcrest.

Abangani abathathu uMnu uNkululeko Zulu, waseVryheid, enyakatho yeKZN, uMnu uThulani Zithwana waKwaDabeka, eThekwini, noMnu uThokozani Mthethwa waseNtuzuma, enyakatho yaseThekwini, bangabanikazi bepulazi lemfuyo. 

“Leli gama linencazelo kuthina sonke futhi lihambisana nathi ngoba ekugcineni konke loku esikwenzayo, asenzeli thina senzela izingane zethu nemindeni yethu. Senzela nabazali bethu ngoba abakaze babenalo leli thuba lokuthi bangene kwezolimo noma kwimfuyo kodwa bengazi ukuthi kungabayibhizinisi. Babanalo ulwazi nezinkomo nayonke into kodwa bengakuthathi ngale ndlela thina esenza ngayo. Sibuyisela loku okwalahlekela okhokho bethu sikuletha ebhizinisini,” kusho uMnu uZithwana.  

Leli bhizinisi elasungulwa ngo-2019 bathi imakethe yalo enkulu igxile emingcwabeni, emicimbini yokumbula amatshe, imishado neminye. 

UMnu uMthethwa, oneminyaka ewu-32, uthi umbono webhizinisi wafika nomngani wabo uZulu, oneminyaka ewu-34 , okuwuyena uBhekumndeni, ngoba wayenamava okufuya. Uthi baqala benza imicimbi yokungcebeleka nobumnandi, kwathi kufika ububhane i-Covid-19 yilapho baqala ukubheka ezinye izindlela zokuziphilisa ngoba imicimbi ngaleso sikhathi yayingavumelekile. 

“UZulu ukhule efuya. Yinto asithulela yona singabangani bakhe. UZithwana ukhulele emakhaya naye, kwaqala kanjalo njengoba namanje (sisaqhuba). UZulu wasisiza kakhulu njengomuntu (mina) okhulele elokishini, kungivule nomqondo ukubanolwazi lokufuya, kwangikhulisa kakhulu ngokusebenzisana,” kusho uMthethwa. 

Muzwe echaza:

Mayelana nezinselelo zebhizinisi, uZithwana uthi njengoba bengabantu abasha, abantu abaningi ababathembi ukuthi bazokwazi ukwenza le nto ibeyimpumelelo ngoba kubona yibhizinisi labelungu leli, bazi ukuthi uma befuna isilwane kufanele baye kumlungu. “Uma sisho ukuthi siyakwazi ukwenza lokhu nalokhu bayaqala basingabaze,” kusho yena. 

Izimbuzi zeKwaBhekumndeni Livestock 

“Kufanele uzibonakalise ngaso sonke isikhathi ukuthi uyakwazi ukwenza umsebenzi. Okunye okuyinselelo ikakhulu kuthina bantu abamnyama yimali. Umsebenzi ukhona siyawuthola, uze ubengaphezulu kodwa udinga imali eningi, okudinga ukuxhaswa nezinsizakusebenza nokunye okuningi ukuze kusetshenzwe,” kusho uZithwana. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/12/10/abalimi-abancane-baqhubeka-lapho-kwaqala-uyise-khona/

KwaBhekumndeni ukwazi ukuthenga imfuyo iphila noma bakuhlinzele bese beyipakisha kahle inyama yakho. Izinkomo zabo ziqala kuR8 000 lezi ezokulobola, ezokuhlaba ngokujwayelekile ziba oR14 000 kuya kuR15 000,  amaduna aqala kuR17 000. 

Bathi okuningi bayazibambela kulo msebenzi kodwa sebeqashe izisebenzi ezintathu ezisebenza ngokugcwele ebhizinisini.

Bafisa ukudlondlobala bagcine sebengabahlinzeki abakhulu bezinkomo nezimbuzi esifundazweni, ikakhulu eThekwini. “Sithanda ukuya kude ngaleli bhizinisi lethu. Siyazi ukuthi liya kude, sibona ngezinto esidlula kuzo.”

Beluleka abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bazame noma kungeke kubelula. “Ngeke wazi ngaphandle kokuzama ngoba ngeke ulahlekelwe yilutho. Uma ungazami, uhlalele ukungaphumeleli. Zama ukuhlanganisa ungumuntu. Ekugcinineni ngeke vele izinto zihlale zikuhambela ngendlela ofisa ngayo, kukhona izingqinamba ozohlangabezana nazo. Indlela uzilungisela ngomqondo wakho, ngoba yiwona ozokunika amasu okunqoba izinselelo kodwa nje ngingathi qala, noma kuthiwa yinto encane qala,” kucebisa uZithwana. 

Facebook: Kwa-Bhekumndeni 

TikTok: @bhekumndenilivestock

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page