Othekele ulwazi kunina ukhulise ipulazi lakubo
WUTHOBILE ZWANE
UKUBONA unina owumlimi esebenza ngokuzikhandla ukondla umndeni kwenza insizwa yaseFree State yashiya ekolishi lezolimo yazokhulisa ipulazi lakubo.
Umsunguli wePhakoe Farming uMnuz uLehlohonolo Phakoe, oneminyaka ewu-27, uthi inkampani yakhe uyiqale ngezinkomo zikanina ezine vo. Namuhla leli pulazi eligxile ekulimeni umbila nokufuya, selikhule laba yipulazi elingamahektha awu-714.
EPhakoe Farming batshala umbila ophuzi nomhlophe, ubhontshisi wesoya, bafuye izinkomo, izinkukhu zenyama nezamaqanda, batheza izinkuni benze namalahle.
Ngo-2000 unina uNkk uChristinah Phakoe wayesebenza ngokuzikhandla epulazini lakhe elinezinkomo ezine ngoba enesifiso sokuthi umndeni wakhe ubenempilo engcono nokuthi ungasweli lutho ngomuso. Lo mame ubesebenza yedwa kusukela ngo-2000 kwaze kwabango-2017. Ubetshala futhi efuyile, konke loku ekwenza yedwa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/27/ukusika-iphethini-kuyise-kuthela-izithelo-kumlimi-omncane/
Ngo-2017, uPhakoe owayefunda eGlen Agricultural Training Institute, isikhungo sezolimo sikahulumeni esiseFree State, wathwala kanzima ngenxa yokuthi njalo ngezimpelasonto wayegoduka eyosiza unina, owayezabalaza yedwa ukuze ipulazi lisebenza kahle. Emva kokubonisana, unina nendodana benza isinqumo esashintsha impilo yabo. Banquma ukuthi uPhakoe ayeke izifundo zakhe ukuze aqhube umsebenzi wasepulazini.
Le nsizwa, efunde konke ekwaziyo ngolimo kunina, isikhulise ipulazi labangamahektha awu-714. Izinkomo zisuke kwezine kanti manje ziwu-135.
“Ngayeka ekolishi ngoba umama wayengidinga kakhulu. Wangifundisa yena konke engikwaziyo ngolimo kanti leyo kubeyimfundo engcono engiyithole kuyena,” kukhumbula yena.

Baqashe abantu abasha bendawo abawu-14, abayisishiyagalolunye baqashwe ngokugcwele kuthi abahlanu kubengabanezinkontileka zesikhashana.
UPhakoe ubalwa nabanye abalimi abaphumelelayo eFree State njengoba ngonyaka odlule eklonyeliswe ngendondo i-Young Black Top Achiever of the Year emkhakheni wabalimi abahwebayo futhi wahlabana ngendondo i-Overall Achiever Award emncintiswaneni wezolimo wesifundazwe.
Uphethe ngokuthi umsebenzi wakhe wukuletha impilo engcono emphakathini wangakubo. “Umsebenzi wethu ulula. Wukuhlinzeka ngemikhiqizo nezinsiza zezinga eliphezulu kakhulu. Kulapho ukulima okunekusasa, ukumukela ubuchwepheshe nokunika amandla umphakathi wakithi.”

