UMnu uTshepo Mohlala, umsunguli weTshepo Jeans eyenza izimpahla ze-denim nezinye yaseTsakane, e-East Rand, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Umfana waselokishini wenza izimpahla ze-denim ezikhanga ngisho osaziwayo

WUTHOBILE ZWANE

UCWANINGO olukhombisa ukuthi iningi labantu besifazane base-Afrika banenselelo yokutholi usayizi wama-jean abalingana kahle lwenza ukuthi insizwa yaseTsakane, e-East Rand, eGauteng, ibone ithuba lokuqala ibhizinisi lokuthunga afanele imizimba yabo.

UMnu uTshepo Mohlala, oneminyaka ewu-32,  uwumsunguli weTshepo Jeans, ethunga izingubo ze-denim ezihlukene ngesandla, okubalwa kuzo ama-jean, amajakhethi, nezinye izingubo njengezikibha, amajezi nezinto zokuhloba uma uswenkile.

Ezimpahleni zabo abasagcini nge-denim kodwa sekukhona amajezi, izikibha namajakhethi. Amanani aphakathi kukaR1 500 noR5 000. ITshepo Jeans isidlondlobele yanezitolo ezihlukene eGauteng. Esinye siseSandton City eGoli, esinye sisePitoli.

 “Abesifazane abaningi base-Afrika banokhalo oluncane, ama-hips amakhulu. Senza ama-jean azwana nemizimba yabo,” kusho yena.

Enye yama-jean eTshepo Jeans efanela abantu besifazane

UMohlala uthi ibhizinisi waliqala ngo-2015 engenalutho ngaphandle kwangoR8 000 awayewubolekwe yintombi yakhe yangaleso sikhathi.

UMohlala uthi ngakubo wake wahlekwa ngokugqoka i-skinny jean ngakubo eqala ukuwathunga kodwa namuhla ama-jean akhe asegqokwa wosaziwayo okubalwa kubona umculi waseMelika uBeyonce noMeghan Markle, umkaPrince Harry waseNgilandi.

“Ngangihlekwa ontanga bami elokishini ngenxa yesitayela se-jean engangiyigqokile. Ngicabanga ukuthi babengayiqondi imfashini engangiyithula ngaleso sikhathi. Ngazizwa ngizenyeza kodwa ngaqhubeka nebhizinisi lami. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi ababengihleka basebefuna ukuthenga ama-jean ami, (lachuma) kanjalo ibhizinisi,” kukhumbula yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/05/21/awukho-omunye-umsebenzi-ake-wazibona-ewenza-umsikingqephu-odle-ngesitayela-esihlukile-nosenamakhasimende-kwezinye-izifundazwe-uxoxe-nozanele-mthethwa/

“Ngiwumuntu onamahloni kakhulu kodwa uma kuza ekudayiseni ngiyakwazi. Ngangixoxela bonke abantu engihlangana nabo ngemikhiqizo yami, ngisho kuthiwa ngihlangana nomuntu ezitebhisini noma ekheshini ngoba ngangifuna waziwe.

Uthi ekuqaleni kwakunzima. Kwamthatha unyaka wonke ukudayisa iqoqo lokuqala lama-jean. “Ayikho into embi njengokuduma kodwa ayikho into enzima njengokuthi ungakwazi ukukhokha izikweletu zakho kodwa ngaqhubeka nomsebenzi kunjalo,” kusho uMohlala.

Namuhla unendawo yakhe yokusebenzela eGoli futhi uqashe izisebenzi eziwu-12 ezinamakhono ahlukene.

UMohlala uthi ukhule ekhuthazwa ngabantu besifazane abathathu abanamandla abamkhulisa. Uthi unina uNksz uMasesi Mamba wamfundisa ukuphanta. Uninakhulu, owayewuMphostoli, wathi kuye: “Tshepo uhloniphele kanti kufanele uhlale unjalo.”

Ubabekazi wakhe uNksz uTakalani, owabawumuntu wokuqala endaweni ukuthweswa iziqu zasenyuvesi, watshala uthando lwe-denim kuyena.

Imikhiqizo yeTshepo Jeans yenziwe ngokotini owenziwa eZimbabwe, wagaywa eJapani bese yenziwa eNingizimu Afrika. 

Ezinye zezimpahla zeTshepo Jeans ezingeyona i-denim

Uziqhayisa ngokuthi izimpahla zakhe sezike zathengwa wosaziwayo baphesheya. Uthi ngo-2019 uMeghan Markle wathenga i-jean yeTshepo Jeans ngaphambi kokuhamba eNingizimu Afrika. Uthi loko kwashintsha yonke into ngoba abantu baqala ukuthatha imikhiqizo yakhe njengekhethekile. Ngemva konyaka, uBeyonce naye wancoma umkhiqizo wakhe.

Uthi isifiso sakhe esikhulu kunokubanabalandeli abawosaziwayo wukuthi ufuna abantu bakhumbule igama lakhe. “Ngifuna izingane zami nabazukulu bathole leli gama futhi baxoxe le ndaba.”

Iseluleko sakhe kosomabhizinisi abasebasha uthe: “Yibawumuntu ozimisele, ohlale ecabanga izinto ezinhle njalo. Yibanothando lwento oyenzayo. Yenza isiqiniseko sokuthi abantu bayakuthemba ngomsebenzi wakho. Khumbula uma kukhona okuhle, akekho ozokhononda ngokukhipha imali.

“Abantu abasha akufanele baziqhathanise nabanye, yenza into yakho. Namathela endleleni yakho. Impumelelo ithatha isikhathi, ingathatha ngisho iminyaka ewu-15 ngaphambi kokuthi uphumelele,” kusho uMohlala.

Facebook: Tshepo Jeans
Instagram: @tshepojeans

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page