INingizimu Afrika idayise izimpahla zikaR171.3 billion kwamanye amazwe ngo-Agasti. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ingenelwe wuR4.0 billion ngokudayisa izimpahla phesheya

YINTATHELI YOMBELE 

IZIBALO ezintsha zeSouth African Revenue Service (iSars) zikhombisa ukuthi iNingizimu Afrika ikwaze ukungenisa uR4.0 billion owengeziwe emva kokudayisa izimpahla zikaR171.3bn kwamanye amazwe ngenyanga edlule.

Ithenge izimpahla ziikaR167.4bn, okuhlanganisa uhwebo elwenze neBotswana, Eswatini, iLesotho neNamibia. 

Kusukela ngoJanuwari kuzekubesekupheleni kwango-Agasti imali eyengeziwe eyenziwe yiNingizimu Afrika ngohwebo iwuR101.8bn. Le mali incane uma iqhathaniswa neyangeniswa wuhwebo ezweni ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule okwawukuR121.4bn. 

Izimpahla ezidayiswe kwamanye amazwe ngo-Agasti zinyuke ngo-2.2%, njengoba kulo nyaka kudayiswe ezibiza uR171.3bn kodwa ngonyaka odlule kwakudayiswe ezibiza uR167.6bn. Leli zwe lithenge izimpahla ezibiza uR167.4bn kwamanye amazwe, okuyisibalo esinyuke ngo-4.7% uma kuqhathaniswa nezangonyaka odlule ezazibiza uR159.9bn. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/01/uhwebo-lungenise-ur22bn-emnothweni-weningizimu-afrika/

Izimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayisa kwamanye amazwe zehle ngoR12.4bn noma ngo-6.8%, zisuke kuR183.7bn, zaya kuR171.3bn phakathi kwangoJulayi no-Agasti walo nyaka. Izimpahla ezithengwe yiNingizimu Afrika kwamanye amazwe zinyuke ngoR3.2bn noma ngo-1.9%. Zisuke kuR164.2bn, zaya kuR167.4bn ngesikhathi esifanayo.
Ukwehla kwezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayisa kwamanye amazwe ngo-Agasti zehliswe yigolide, yi-aluminium nedayimane. Izimpahla ezithengwe kwamanye amazwe zinyukile ngenxa yokuthengwa kwezinsimbi, imishini namabhanoyi. Imali eyengeziwe esingeniswe wuhwebo kulo nyaka iwuR19.6bn.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page