IJwayelani ithengwa yinkampani yabantu abamnyama
WUZANELE SONGO
NGEMVA kweminyaka eminingi yokuzama ukudlondlobala eNingizimu Afrika, inkampani yezitolo yaseBotswana iChoppies idayisa izitolo zayo zenyama nokudla oJwayelani idayisela iShingai Itai Consortium.
Ngaloku kudayiselana, iShingai Retail Investments, eholwa wusomabhizinisi uNks uPhilisiwe Sibiya, izobanobunikazi obuwu-45% boJwayelani nefemu yokwenza inyama yakhona. Lesi sivumelwano silindele ukugunyazwa yinhlangano yokuqhudelana kanti kufanele siphothulwe ngaphambi kwangoNovemba wango-2025.
UNks uSibiya uthe: “IJwayelani inamakhasimende amaningi, ikakhulu ngenxa yokudayisa inyama. Umbono wethu wukusimamisa lezi zitolo futhi sihlomise abakhiqizi nabalimi abamnyama ukuthi babambe iqhaza kuyo yonke imikhakha yaleli bhizinisi.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/07/uhwebo-lweboxer-lukhule-ngo-121/
Wengeze ngokuthi le nkampani ifuna ukuthi abakhiqizi abamnyama basimame ngokusebenzisana nalezi zitolo.
“Siyinkampani yezitolo yabantu abamnyama entsha iqhinga lethu elibanzi lifaka ukuhlomulisa osomabhizinisi babantu abamnyama emnothweni nokwenza ukuthi iJwayelani ingagcini nje ngokubayisitolo esishibile kodwa futhi ibeyinkundla yokudla yokusimamisa abakhiqizi abamnyama, abafuyi nabalimi nalo lonke ibhizinisi babambe iqhaza ngokukwazi ukufinyelela kubathengi ngqo,” kusho yena.
“Sinethimba elithenjwayo nelinamava labaphathi nebhodi ukuseseka njengoba sibheke ukuguqula iJwayelani ukuthi ibeyisitolo esidayisa ukudla esishibhile esiwungqaphambili eNingizimu Afrika,” kusho uNks uSibiya.
KwiChoppies loku kukhombisa ubunzima izitolo ezidayisa ukudla zesifunda nezaphesheya ezibhekene nabo embangweni nezikhondlakhondla zezwe oShoprite, oPick’n Pay neSpar. Izindleko zomsebenzi eziphezulu, ukwehla kwenzuzo nokwehla kokuthenga kwamakhasimende kwenze ukuthi izinkampani eziningi zakwamanye amazwe zinciphise izitolo noma zihambe ezweni. Isibonelo nje iWalmart ithwale kanzima ngemva kokutshala kwiMassmart kanti uGame neCambridge Food bavale uxhaxha lwezitolo.
Umkhulumeli weChoppies uMnu uKebonyemodisa Kebonyemodisa uthe loku kudayisa kusho ukuvala isahluko esinzima emkhakheni onomqhudelwano oshisayo wezitolo zokudla eNingizimu Afrika.

“Loku kuhoxa ekutshaleni ezweni kuzokwenza iChoppies ikwazi ukugxila emsebenzini wayo nasezintweni ezimqoka, kwenze ukuthi izitolo zeJwayelani ziqhubeke nokukhula ngaphansi kwabanikazi abasha ukuqinisekisa ibhizinisi liyadlondlobala,” kusho yena.
Ukungena kweShingai endimeni yaseNingizimu Afrika yezitolo zokudla kukhombisa ukuthi ishintsha kanjani. Nakuba izitolo eziyizikhondlakhondla zihoxa kodwa ezabantu abamnyama ziyangena.
• Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

