Iphini lomXazululi wesiKhwama sezinKinga zemPesheni uMnu uNaheem Essop, esisize umndeni womufi obungakhokhelwe imali yakhe. Isithombe: Sithunyelwe

Kuphele amahlathi okucasha esikhwameni sempesheni ebesigweva nemali yesisebenzi esashona

YINTATHELI YOMBELE

ISIKHWAMA sempesheni semboni yezinsimbi  iMetal Industries Provident Fund siyayelelwe yiphini lomXazululi wezinKinga zemPesheni uMnu uNaheem Essop ukuthi sikhokhele umndeni wesisebenzi esashona imali yaso yempesheni efanele. 

Lesi sikhwama sempesheni besivika ngokuthi kunezinyanga lapho umufi ayengasakhokhi khona imali okufanele ayikhokhe ngenkathi egula. Sikhokhe uR798 066.32.

Ngemva kokushona ngoSepthemba wango-2013 umndeni waso wakhokhelwa uR18 691.26 ngo-Agasti wango-2014.

Indodana kamufi ifake lolu daba eHhovisi lePension Funds Adjudicator emva kokuphuma kwalo tiki. Yatshelwa ukuthi imali yakhokhwa ngo-2014 kodwa uma icela ubufakazi bokuthi le mali yafakwa kuyiphi i-akhawunti isikhwama sempesheni asizange siyinike.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/13/akulungile-ukubamba-impesheni-yomuntu-obekwe-icala-wumqashi-umxazululi/

Sathi inkampani eyayiqashe umufi yayeka ukukhokha nyanga zonke ngo-Ephreli wango-2012 kwaze kwabawuJulayi wango-2013, ngaleso sikhathi ayikho imali yesikhwama sempesheni eyayikhokhwa wumqashi. 

Saqhuba sathi ngenkathi umufi egula akasifakanga isicelo semali ekhokhelwa abagulayo esikhwameni esisiza abagulayo, okusho ukuthi akayitholanga imali yomuntu osekhubazeke umnophelo. 

Ngemva kokungenelela kuka-Essop ngo-Agasti walo nyaka ebuza ukuthi kungani umndeni ungakhokhelwa imali kamufi, iMetal Industries Provident Fund ithe imithetho yayo ithi akufanele ikhokhe uma isisebenzi sinezinyanga esingakhokhanga ngazo noma sisekhefini elingakhokhelwe, sigula, silimele ngenxa yokuya empini noma umqashi engafaki lutho esikhwameni sempesheni. 

Sithe imali ekhokhwayo ngeyamahora asetshenziwe kodwa umufi wayengakweleti imali efakwa esikhwameni sempesheni, kwazise wayengasebenzi ngenxa yokugula kodwa ayikho imali eyayibanjwa emholweni wakhe, kwazise wayengasaholi. 

Siqhubeke sathi imvamisa kulesi sikhwama umuntu ukhokhelwa imali uma esekhubazekile, imali esalayo iye esikhwameni somhlaphansi. Isikhwama sempesheni kamufi sithe njengoba ayengasakhokheli lutho, ayebondla akufanele bathole imali ephelele ekhokhelwa izisebenzi ezishona zisaqashiwe. 

U-Essop ubuze ukuthi zikhona yini izinyanga ayezikweleta esaphila futhi esahola nyanga zonke. Impendulo sithe cha, wase esiyalela ukuthi sikhokhele izingane zikamufi imali yakhe egunyazwe yilesi sikhwama ngokulandela isiGaba 37C somThetho wezimPesheni. 

Umndeni ube usukhokhelwa uR798 066.32, esikhundleni sikaR18 691 ongaqondakali ukuthi wafakwa kwi-akhawunti kabani. 

U-Essop uxwayise izikhwama zempesheni ezingenaqiniso ukuthi ihhovisi labo lizoqhubeka nokulwela abantu. IHhovisi lomXazululi wezinKinga zemPesheni litholakala ku-www.pfa.org.za, ukushayela u-012 346 1738 nangokuthumela i-email ku-Enquiries@pfa.org.za. Lisizana mahhala kodwa abantu kufanele bakhombise ukuthi bake bazama ukuthinta izikhwama zabo zempesheni kodwa azangabasiza ngaphambi kokudlulela kulona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page