Imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele ithi ingqungquthela yamabhizinisi i-reSURGEnce Conference Durban 2025 iza nendathane yamathuba. Isithombe: Sithunyelwe

Kuzohlomula osomabhizinisi ngombukiso i-reSURGEnce 

YINTATHELI KAMASIPALA 

LIKHULU isasasa ngombukiso wokukhangisa wamabhizinisi i-reSURGEnce Conference Durban 2025 ezobase-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kusukela ngomhlaka-20 kuya ngomhlaka-24 Septhemba. 

Lo mbukiso ohambisana nengqungquthela unendikimba ethi “A Thicker Slice of the Economic Pie”, okusho ukuthi ucezu lomnotho olukhudlwana, kulo nyaka kanti uheha osomabhizinisi, abatshalimali nezikhulu zezimboni ezihlukene. 

Imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele ithe njengoba kuwunyaka wesibili yenzeka le ngqungquthela likhulu isasasa ngayo.

“Ithimba lami lingitshele ukuthi sezibekiswe zonke izindawo zokukhangisa. Sigqugquzela abantu akade bengazi ngayo ukuthi basondele. Ngiyazi abahleli bazobenzela okuthile abafuna ukubayingxenye yayo. Ibaluleke kakhulu i-reSURGEnce ngoba ihlanganisa osomabhizinisi baseThekwini nabakwamanye amazwe ase-Afrika nawaphesheya,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/08/i-resurgence-yisidikadika-sethuba-lokuhlomula-kosomabhizinisi/

Phakathi kwezikhulumi eziqalile kuzobe kukhona umbhali othatha yi-New York Times njengobedlula bonke ngokudayisa uDk uGeorge Fraser, isilomo sompheki nomnikazi weMelba restaurant uMelba Wilson, isikhulu esiphezulu nomsunguli weSilicon Harlem uClayton Banks nosomabhizini uMnu uNdaba Mandela

Lezi zikhulumi zizokhula ngezihloko ezilandelayo: 

1) indlela yokuthola imali nezinsiza ezinqabile;

2) ukuxhumana nabaholi, abalingani abazibophezele oshintshweni lwangempela;

3) ukuchuma ngezinhlelo ezenzelwe bona, amathuba ezimakethe nokwesekwa ngabanye osomabhizinisi.

Uthi bonke osomabhizinisi kufanele beze ngoba le ngqungquthela iyindawo yokucobelelana ngolwazi namacebo okuphumelela, ikakhulu kulabo ababencishwe amathuba omnotho kudala.

Kuzothi kunengqungquthela kubekuqhubeka nemibukiso ehlukene. Wenze isibonelo sokuthi amanye amazwe athumele izithunywa eziningi njengaseSwatini ethumele ithimba labantu abawu-18 elinosomabhizinisi nezikhulu zombusazwe. 

“Le ngqungquthela ayiyona nje indawo yokuzikhangisa kwamabhizinisi kodwa iyinkundla yokucobelelana ngolwazi namacebo okusimamisa abantu bakithi. Abeze ngobuningi babo. Kufanele bayijabulele ngoba namaMelikana azibophezele kuyona njengoba nathi sizibophezele. Sizobe sikhuluma ngokuthi yikuphi esingakwenza ukuze abantu baphumelele. Sizokhuluma nangempumelelo yale ngqungquthela esiyibone ngonyaka odlule,” kusho uMbhele. 

UMbhele uthi kulo nyaka bazosebenzisana nesazi esikwazi ukuheha abatshalimali esizoqinisekisa ukuthi izinhlelo zosomabhizinis baseThekwini ziyaphumelela futhi nezinkampani zabo ziyadlondlobala ngokubahlanganisa nezinkampani zakwamanye amazwe. 

Uthi kuzothi kuphela izinyanga eziwu-12 bazobe bebona impumelelo yalezi zinkampani futhi bafuna umphumela omuhle we-reSURGEnce ubonakale empilweni yabantu abamnyama e-Afrika yonkana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page