Abaqashi baseNingizimu Afrika bakweleta izisebenzi uR7.23 billion wempesheni
WUBONISWA MOHALE
IZISEBENZI zemboni yezimoto, eyomasipala neyonogada zibalwa nezinye ezikweletwa uR7.23 billion wemali yempesheni.
Loku kuvele embikweni omusha weFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) oveze ukuthi abaqashi abawu-15 521 babamba imali yempesheni emiholweni yezisebenzi kodwa bangayidluliseli ezikhwameni zempesheni.
Ukhomishana weFSCA uMnu u-Unathi Kamlana uthi kulo R7.23bn okweletwa ngabaqashi kunoR2.98bn wenzalo engena ngenxa yokungafaki imali ngesikhathi.
“Ukushicilela kwethu amagama abaqashi abangayidluliseli ezikhwameni zempesheni ezifanele imali kuyingxenye yemizamo yethu yokubaneqiniso ezisebenzini. Kuwukukhwabanisa ukungafaki imali esikhwameni sempesheni ube uyidonsile emholweni womuntu. Loku kuphula isigaba 134 se-Pensions Act,” kusho yena.
UKamlana uthe imali ekweletwa ngabaqashi ezikhwameni zempesheni kungabukeka sengathi ayehli kodwa loku kwenziwa wukuthi abaningi bafike bakhokhe isiqu semali abayikweletayo bangayibuyiseli inzalo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/07/impesheni-yezisebenzi-zomasipala-nonogada-isengozini/
Enaba ngaloku uNks uKeabetswe Tsuene, i-senior analyst for Retirement Funds Conduct Supervision eFSCA, uthe emva kokushicilela uhlu lwabaqashi abakweletayo, abaningi babuyela ezikhwameni zempesheni bacele ukukhokha imali abayikweletayo kodwa inzalo bangayikhokhi.
“Abaqashi abaningi abayikhokhi inzalo, okwenza ukuthi imali yempesheni yezisebenzi ingabisezingeni elifanele. Ukungayikhokhi ngesikhathi esifanele imali yempesheni kubeka isisebenzi esimweni esibi sezimali. Sibonile ngesikhathi sokunyula impesheni ebhodweni ukuthi ziphatheke kabi izisebenzi zithola ukuthi imali ezibanjelwa yona nyanga zonke ayidluleli ezikhwameni zempesheni. Siyazivikela ngokushicilela uhlu lwabaqashi abaphula umthetho,” kusho yena.
Uthe abaqashi bemboni yezimoto abangaphansi kwe-Auto Workers Provident Fund neMotor Industry Provident Fund abangayikhokhi imali yempesheni yize beyidonsa emholweni bawu-3 353 kwabawu-5 821 abohlwini olushicilelwe.
Kulolu hlu kunabaqashi abawu-5 571 abakweleta ngaphezu kukaR50 000, okusho ukuthi yizinyanga ezinhlanu kuya phezulu ezisuke zingakhokhelwe.
Abawu-80 bakweleta imali engaphezu kukaR50 000, kuthi abawu-79 bakwelete imali engaphansi kukaR50 000 kodwa bakweleta inzalo engaphezu kukaR50 000.
Kulo mbiko bawu-17 kuphela abaqashi abakweleta inzalo yempesheni, kwazise abaningi okushicilelwe amagama abo bakweleta imali yempesheni nenzalo edlula izinyanga ezithile.
UNks uTsuene uthe loku kusho ukuthi abaqashi abaphula umthetho wezimpesheni banyuke ngo-50% uma kuqhathaniswa nombiko wangoDisemba wango-2023 kodwa loku kwenziwa wukuthi sekufakwe nezikhwama zemboni yezimoto eqashe abantu abaningi.
Ubalule ukuthi bayawubona umehluko embonini yonogada njengoba izinkampani eziphula umthetho wokungafaki imali esikhwameni sempesheni ngesikhathi zisuke kweziwu-531 zaya ku-428 ngokombiko we-Private Security Sector Provident Fund.
Komasipala nakhona isimo sibi njengoba uNks uTsuene ethe isisebenzi ngasinye sikweletwa uR3.3 million wemali yempesheni.
“Sisebenzisana neHhovisi lomGcinimafa ukuqinisekisa ukuthi imali yezisebenzi zomasipala ibuyela esikhwameni esifanele. Sikwazile ukuthi omasipala benze izivumelwano zokukhokhela izisebenzi imali yazo njengoba kusukela ngoNovemba wonyaka odlule kuze kubemanje kufakwe uR50m ezikhwameni zempesheni yezisebenzi. Yize kunjalo kodwa omasipala basakweleta izisebenzi uR1.5bn kumalungu awu-12 000,” kusho yena.
Inhloko ye-Retirement Fund Conduct Supervision eFSCA uNkk uCorlia Buitendag ithe kuningi abakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi imali yezisebenzi ikhokhwa ezikhwameni ezifanele.
Ubale ukusebenzisana neHhovisi lomGcinimafa, umNyango weziSebenzi, ozovumela abahloli ukuthi babuze ngezindaba zempesheni futhi bajezise abaqashi abangawulandeli umthetho, amaphoyisa nezikhwama zempesheni.
Uthe izisebenzi ezitsotswa imali yazo yempesheni zinelungelo lokuvula icala emaphoyiseni. Bawu-1 200 abaqashi asebebikwe emaphoyiseni kodwa kuthiwa iningi labo liyakhokha. Izisebenzi zingabika naseHhovisi lomXazululi wezinKinga zemPesheniUhlu lwabaqashi abaxhaphaza izisebenzi imali yempesheni lutholakala ku: FSCA Communication 18 of 2025 (RF) – Publication of employers with arrear contributions

