UNksz uJabu Dlamini, umsunguli we-Amazizi Leatherworks eyenza imikhiqizo yesikhumba, yaseDassenhoek, entshonalanga yaseThekwini. KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Inkinga yamakhona ezinyaweni imnike umqondo wokwenza izicathulo

WUTHOBILE ZWANE 

UKUBANENKINGA yamakhona neyokumpintshwa yizicathulo kwenza uqweqwe lomhlengikazi lwabona ukuthi akusilona kuphela olunayo. Le nkinga yalunika umqondo wokwenza izicathulo ezingabangi amakhona namabhamuza ezinyaweni zabantu. 

UNksz uJabu Dlamini, oneminyaka ewu-58, wasungula i-Amazizi Leatherworks eyenza izinto zesikhumba ephambili. Leli bhizinisi laseDassenhoek, entshonalanga yaseThekwini, lenza izicathulo, izikhwama ezihlukene, okubalwa ezincane zokuphatha imali nezinkulu zokuphatha ama-laptop, amabhande namakhushini okwenziwe ngesikhumba samaNguni. 

“Nganginenkinga yezicathulo ezingangiphathi kahle. Ngaqhamuka nombono wokwenza izicathulo ngesikhumba ngoba siyaphefumula, siyaqina futhi sihlala isikhathi eside. Ukuzenzela izicathulo kugcine sekuphendula ibhizinisi ngoba nabanye abantu bebefuna izicathulo zami,” kusho yena.

Uthi igama lebhizinisi Amazizi Leatherworks waliqamba ngesithakazelo sakubo uMzizi ngoba ehlonipha abazali bakhe abangasekho. Babehlale bethi uyobawusomabhizinisi uma esekhulile ngoba wayekhonze kakhulu ukudayisa ukudla noswidi esikoleni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/11/baphendule-usizi-lwayibhizinisi-lezicathulo-eziyinguganaboya/ 

Isicathulo sesikhumba sekhethelo se-Amazizi Leatherworks 

Uma ekhuluma ngezinselelo ahlangabezana nazo ebhizinisini lakhe, uNksz uDlamini ubala umncintiswano ovela kubantu aqhudelana nabo asebeneminyaka kule mboni kodwa uyakwazi ukunqoba ngokwenza into yakhe nokungaguquki emsebenzini wakhe, ukuqinisekisa izinga eliphezulu lemikhiqizo yesandla.

I-Amazizi Leatherworks yenza namabhande ayinguganaboya

Enye inselelo anayo wukuthola izinsiza zokwenza imikhiqizo yakhe njengoba ezinye zidinga ukuthengwa kude, okwenza ukuthi zingafiki ngesikhathi. Loku kwenza ukuthi kubenemikhiqizo angayiphothuli ngesikhathi.

“Ibhizinisi lami lihlukile kwamanye ngoba lenza imikhiqizo ngendlela efiswa ngamakhasimende. Ngenza ngokwemiyalelo uya yekhasimende. Uma sengidayisile, ngenza isiqiniseko sokuthi njalo ngiyalandelela ukuthi amakhasimende asajabule yini ngomkhiqizo ayewuthengile,” kusho uNksz uDlamini. 

Uthi into ayithanda ngokubanebhizinisi wukubona abantu abanike imisebenzi ethile bejabule, bekwazi ukuzondla nenkululeko yezezimali. 

Usevule amathuba emisebenzi waqasha izisebenzi ezimbili eziqashwe ngokugcwele nezinye ezimbili eziyitoho. Zonke izisebenzi zakhe ngabantu besifazabane kuthi ezimbili kuzona kubeyintsha. 

Eluleka abantu besifazane abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi: “Kwabanye besifazane abacabanga ukuthi akwenzeki, kungabonakala kungeke kwenzeke kodwa uma umqondo wakho usugxile kukona, ayikho into engakuvimba. Vele uqale, okunye kuzolandela.”

Ngomuso ufisa ukuthi imikhiqizo yakhe igcine isidayisa kwamanye amazwe. Uzibona engomunye onezimboni zabesifazane kuleli zwe futhi ufisa ukulungela ukusebenza ngobuchwepheshe.

 Facebook: Amazizi Leatherworks

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page