IBhange lomBuso lifake isicelo sokuhlakaza iDitsobotla Primary Savings and Credit Co-operative Bank ngenxa yezinkinga zaleli bhange eliwumfelandawonye. Isithombe: Sithunyelwe

IBhange lomBuso liphakamisa ukuthi ivalwe iDitsobotla Co-operative Bank

YINTATHELI YOMBELE 

UKUNGENZI kahle kwebhange eliwumfelandawonye laseNorth West iDotsobotla Primary Savings and Credit Co-operative Bank kuholele ekutheni iBhange lomBuso lifake isicelo sokuthi lihlakazwe. 

Isicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu ngoLwesihlanu. Esitatimendeni iBhange lomBuso lithe lithumele izincomo zokuthi lihlakazwe leli bhange emva kokuthi lingakwenzi okulindeleke kulo kungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana. 

Ekuqaleni kwale nyanga iBhange lomBuso liziyele kuleli bhange ukuyohlola isimo emva kokuthola ukuthi alikho esimweni esihle sezimali. Nangempela lithole ukuthi aliphethwe ngendlela efanele futhi alinayo imali eyanele yokuqhubeka nokusebenza. 

Kuqokwe umhlengi wamabhizinisi uMnu u-Anoosh Rooplal ukuthi ayophenyisisa ngokwenzeka kuleli bhange. 

Uthole ukuthi linezikweletu ezidlula imali nezimpahla elinakho. Ubone ukuthi kulesi simo ngeke likwazi ukuheha abatshalimali abazokwazi ukulivusa. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/04/01/oqondene-nokusongwa-kwezindaba-zebhange-elawa-ivbs-mutual-bank-umnu-u-anoosh-rooplal-ukhumbuze-ababenemali-efinyelela-kur100-000-kuleli-bhange-ukuthi-bangayikhipha-imali-yabo-enedbank-kuze-kube-mhla/

Uthole nokuthi alisebenzi ngendlela ekwazi ukulingenisela imali ukuze lisebenze isikhathi eside njengamanye amabhange. 

Emva kombiko wakhe, iBhange lomBuso libone kungcono ukuthi ihlakazwe iDitsobotla ngoba lifuna ukuvikela ababeke imali yabo kulona nabalibakweletayo. 

Uma selihlakazwa ngokusemthethweni kuzokwazi ukuthi kuphenyisiswe konke obekwenzeka kuleli bhange, kugcinwe izimpahla zalo kahle ukuze abantu bangalahlekelwa.

Abalondoloze imali ewuR100 000 nangaphansi bazokwazi ukunxeshezelwa wumshwalense osiza abonga imali emabhange iCorporation for Deposit Insurance (iCodi). 

Abanemali engaphezu kukaR100 000 bazokhokhelwa yiCodi kodwa emva kwaloko bazofaka izicelo zokunxeshezelwa kuleli bhange elihlakazwayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page