Abathengi bazothi nci, nci bo kwehla amanani okudla
WUTHOBILE ZWANE
UZOKWEHLA umthwalo emahlombe abathengi njengoba amanani okudla ehlile, okufakazelwa wukwehla kwamandla emali esuka ku-3.5% ngoJulayi aya ku-3.3% ngo-Agasti.
Loku kwenziwe wukwehla kwamanani okudla nophethroli okwenzeke ezinyangeni ezidlule.
Ngokusho komqondisi wocwaningo lweStatistics South Africa uMnu uPatrick Kelly, amanani okudla okuningi ehlile ngo-Agasti, kwazise ebethe ukubaphezulu ngoJulayi.
“Amanani okudla okulula nophethroli asize ekwehliseni amandla emali. Amandla emali nyanga zonke nawo abonakala ehla. Loku kubeke i-customer price index (i-CPI) ku-0.1% phakathi kwangoJulayi no-Agasti,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/24/amanani-okudla-ayaqhubeka-nokudla-amagalani/
Ezigabeni eziwu-13 zokudla okuthengwa ngabantu baseNingizimu Afrika yehlile i-CPI, Lapha kubalwa ukudla neziphuzo ezingenatshwala, izimpahla zasendlini nezokulungisa izindlu, ezokuthutha, ezobuchwepheshe namanani egrosa.
Ukudla neziphuzo ezingenatshwala kwehle kusukela ku-5.7%, kwaya ku-5.2%. Phakathi kokudla okwehlile kubalwa i-cereal, ufishi nokunye okudotshwa olwandle, imikhiqizo yobisi, izithelo, amakinati namaveji.
Amanani e-cereal ehle esuka ku-2.1% ngoJulayi, aya ku-1.5% ngo-Agasti. Ukudla okuqinile nako kwehlile uma kuqhathaniswa indlela okubiza ngayo kulo nyaka namanani obekubiza wona ngonyaka odlule. Isibonelo yirayisi elimhlophe elisuke ku-7.8%, laya ku-7.2%. Isinkwa ne-pasta akubanganashintsho olutheni kodwa impuphu inyuka ngo-8.2% minyaka yonke.
Inyama yenkomo iyaqhubeka nokubiza kwazise i-mince eyenziwe ngenyana yenkomo inyuke ngo-27.2%, inyama yesitshulu senkomo inyuke ngo-32.3% kwathi isiteki sanyuka ngo-28.6%. Ngo-Agasti isteki sehle ngo-1.2%, i-mince eyenziwe ngenyama yenkomo yehle ngo-0.2% kwathi inyama yenkomo eqotshiwe yanyuka ngo-0.6%. Inyama yenkomo yehle ngo-8% emadeleni ngoJulayi.
Amanani obisi namaqanda ehle ngo-1.1% unyaka nonyaka, ukwehla okukhulu uma kubhekwa okwagcinwa ngoMashi wango-2011. Ubisi olunokhrimu, isibonelo, belushibhe ngo-2.9% kunangonyaka odlule.
Ukwehla kwamanani kaphethroli kume endaweni engeyinhle njengoba bekuwu-5.7% ngo-August, uma kuqhathaniswa no-5.5% ngoJulayi. Abashayeli bezimoto ezimaphakathi nezwe bakhokha u-28c ngaphansi ilitha ngophethiloli we-95-octane, ukwehla kwanyanga zonke kuwu-1.3%. Nokho udizili ukhuphuke ngo-2.5% phakathi kwangoJulayi nango-Agasti.
Inhloko ye-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe ukwehla kwamanani emali ehle afinyelela ku-3.3% unyaka nonyaka ngo-Agasti, esuka ku-3.5% ngoJulayi kuyinto enhle kodwa abengayilindele. Uthe kudalwa wukwehla kokudla nokwehla kwamanani ezinto eziningi.
Uthe ukwehla kwamandla emali kukhombisa ukwehla kokudla okulula yize okuqinile kukhuphuke kancane kwaya ku-3.1% unyaka nonyaka, ngokuhambisana ncamashi nokulindelwe yimakethe.
“Sekukonke ukwehla kwamandla emali kusaloku kungekuhle, nakuba kulindeleke ukuthi kukhuphuke kancane ezinyangeni ezizayo. Empeleni loku kwehla kwamandla emali bekufanele kunike iBhange lomBuso ithuba lokwehlisa imalimboleko kodwa ukwenzeka kwako kufike ngesikhathi esibi kwazise iBhange lomBuso lifuna ukushintsha indlela elikala ngayi amandla emali. Lifuna ukusuka esilinganisweni esiphakathi kwango-3% no-6%,” kuphetha uDkt uMoolman.

