Insizwa yaseShowe iloku idlondlobele eStandard Bank
YINTATHELI YOMBELE
ZIKHWELE kuMnu uThabani Ndwandwe oqokwe ukuthi abeyisikhulu esibheka ingozi i-Group chief risk officer eStandard Bank, isikhundla abesiphethe ophikweni lwaleli bhange eNingizimu Afrika kuphela.
UNdwandwe, osazoqhubeka nalo msebenzi eNingizimu Afrika, uvala isikhala sikaMnu uDavid Hodnett, oseyisikhulu esiphezulu seStandard Bank South Africa.
U-Hodnett oneminyaka engaphezu kwewu-30 ewumphathi uvala isikhala esivuleke emva kokuhamba kukaMnu uKenny Fihla, oseyisikhulu esiphezulu e-Absa. Ngaphambi kokuqokwa kwakhe, lesi sikhundla besiphethwe wuMnu uSim Tshabalala, isikhulu esiphezulu eStandard Bank.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/09/utshabalala-uzoncelisa-amawele-estandard-bank/
UNdwandwe, onkaba yakhe iseShowe, KwaZulu-Natali nongomunye wabantu abathathwa njengabanekusasa eliqhakazile kuleli bhange elikhulu kunawo wonke e-Afrika ngokwezimpahla elinazo, uneminyaka ewu-21 elisebenzela njengoba afika khona ngo-2004.
UMnu uLungisa Fuzile obebambile njengesikhulu esiphezulu se-Africa Regions and Offshore useqokwe kulesi sikhundla ngokugcwele.

“Ukuqoka laba bantu kutshengisa ukuthi inkampani inothe kangakanani ngabaholi abanohlonze futhi engagcwalisa ngabo noma ngabe yisiphi isikhala esivulekayo. UDavid unamava embonini yezimali eNingizimu Afrika futhi utshengise ukubawumholi ovelele enkampanini yethu. UThabani, selokhu afika eminyakeni ewu-20 edlule, uwumholi oyisibonelo esihle kulo msebenzi wokubheka ingozi, kanti uLungisa naye ayaziwa amava akhe,” kusho uTshabalala.
UNdwandwe noHodnett bazoqala ezikhundleni zabo uma sekugunyaze umlawuli.

