I-Acsa ingenise inzuzo ewuR1.1 billion
INTATHELI YOMBELE
INKAMPANI kahulumeni ephethe ukusebenza kwezikhumulo zamabhanoyi i-Airports Company South Africa (i-Acsa) iqhubekile nokungenisa inzuzo njengoba ibike ukuthi ingenise inzuzo kaR1.1billion.
Lezi zindaba zimenyezelwe yisikhulu esiphezulu sale nkampani uNkk uMpumi Mpofu izolo ngesikhathi ethula umbiko wezimali wango-2013/24.
UNkk uMpofu uthe inzuzo yabo isuke kuR472 million ababewungenise ngonyaka odlule. Isiyonke imali engenile iwuR7.9bn, okusho ukuthi ikhule ngo-13% isuka kuR7.0bn.
“Imali esingayitshala ukuze senze enye imali isuke kuR568m, yaya kuR861m. izimpahla esinazo zibiza uR32bn, imali esinayo esandleni iwuR3.4bn. Uma kuqhathaniswa imali esinayo nezikweletu esinazo ziwu-8%,” kusho yena.
Uthi yize kukekwaba nezingqinamba edlule kuzona i-Acsa kodwa izinto ziyihambela kahle. Ukulungisa ingqalasizinda okungaphazamisanga ukuhamba kwamabhanoyi nabagibeli uthi kubasizile ukungenisa imali enhle.
“Imiphumela yethu yezimali ikhombisa ukuthi i-Acsa yinkampani ekwazi ukusebenza kahle kodwa futhi iwubufakazi bokuthi izinto sezingcono embonini yamabhanoyi emva kwezinselelo ezihlukene,” kusho uNkk uMpofu.
Uthe eminyakeni emihlanu ezayo bazotshala uR21.7bn ukulungisa ingqalasizinsa ezikhumulweni zamabhanoyi i-OR Tambo International Airport, iCape Town International Airport nezinye izikhumulo ezincane.
Ekulungiseni ingqalasizinda kubalwa ukuphucula ubuchwepheshe ukuze kubenokunye okuzongenisa imali kule nkampani yezikhumulo zamabhanoyi.

