ISetšong Tea Crafters, inkampani yaseGa-Matlala Ramoshebo, eLimpopo, iyokhangisa ngamatiye ayo omdabu ekhethelo kwi-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eCologne, eJalimane. Isithombe: Sithunyelwe

Abenzi betiye basemakhaya baya embukisweni omkhulukazi phesheya

WU-AZWIDOHWI MAMPHISWANA

UHLOBO lwetiye lomdabu laseLimpopo likhangiswa phesheya lapho izinkampani zokudla nezeziphuzo zaseNingizimu Afrika zidlana imilala khona ngemikhiqizo yazo embukisweni i-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eseCologne, eJalimane. Lo mbukiso uqale mhlaka-4 kanti uphela kusasa.

UNkk uNondumiso Phaahla, umsunguli weSetšong Tea Crafters, inkampani yaseGa-Matlala Ramoshebo, isigodi esiseLimpopo, uthi bahlose ukuthola amathuba amasha okudayisa izinhlobo zabo ezihlukene zamatiye omdabu amnyama nabomvu  phesheya. 

“I-Anuga isinika ithuba lokukhombisa imikhiqizo yesigodi esincane saseLimpopo kubathengi baphesheya. Amatiye emvelo afunwa ubuthaphuthaphu emhlabeni kanti sinethemba lokuthi imikhiqizo yethu izokwazi ukuqhudelana neyaphesheya ngempumelelo,” kusho yena.

ISetšong Tea Crafters iyisizinda esihlukile semikhiqizo yolimo enamaqhugwane ayisikhombisa, kanti lilinye ngelokwenza izinto ezihlukene zomkhiqizo kusukela ekuvuneni kuzekufinyelele ekupakisheni. Le nkampani, eyasungulwa ngo-2014, iqashe abantu abawu-35 ngokugcwele kanti inezinhlelo zokudlondlobala ukuze ukwazi ukumelana nesidingo semikhiqizo yayo kwamanye amazwe.

“Lolu hambo lwaseJalimane alugcini nje ngokubayithuba lokukhangisa ngamatiye ethu kuphela kodwa ukuthola ama-oda aphesheya kuzosimamisa umsebenzi, kudale imisebenzi emisha kwenze ukuthi sikwazi ukuthuthukisa ifemu yethu esezingeni likanokusho nezolimo ezihambisana nezokuvakasha emphakathini,” kusho uNks uPhaahla.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/02/08/wadela-umsebenzi-emayini-enkulu-ngoba-esabela-ubizo-lokuba-wulimi-owenza-ezibukwayo-ngesitshalo-sezimanga-uxoxe-notebogo-mokwena-2/ 

I-Anuga, ewumbukiso wokudla omkhulukazi emhlabeni, inika amabhizinisi asezweni ithuba elikhulu lokusabalalela phesheya futhi iwahlanganise nabathengi baphesheya.

Imenenja jikelele yeSouth African Fruit and Vegetable Canners Export Council (iSAFVCEC) uNks uJill Atwood-Palm ithi lo mcimbi uyisigcawu esihle sokukhangisa ngezinga, ukunambitheka nezinhlobo ezihlukene zezithelo namaveji okusethinini.

Uthi: “Imboni yethu idume ngezindlela zokukhiqiza ezisezingeni lomhlaba nemikhiqizo yekhethelo okwenziwa ezindaweni ezihambisana ngokuphelele nemithetho namazinga okuphatha ukudla emhlabeni jikelele. Imikhiqizo yethu, ehambisana nezinga eliphezulu lezithako zemvelo, ibalwa neyekhethelo emhlabeni jikelele.” 

Amalungu eSAFVCEC adayisa phesheya izithelo zawo ezingaphezu kwango-85%, kanti imikhiqizo yango-2024 yayifinyelela kuR15.5 billion emazweni angaphezu kwawu-125 ngezinhlobo zemikhiqizo ezihlukene eziwu-50. IYurophu iyimakethe emqoka, ethenga ngaphezu kwemikhiqizo ewu-34% kanti eminingi ingena ngeNetherlands kuthi iJalimane ibeyimakethe yesithathu ngobukhulu.

UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uxhase iSAFVCEC neSetšong Tea Crafters kwi-Anuga, lapho izinkampani zemikhiqizo yezolimo eziwu-30 zibambe iqhaza khona, okufakazela ukuzibophezela kwezwe ukwandisa imikhiqizo edayisa phesheya nokusabalalela ezimakethe zamanye amazwe.

“Kwi-Anuga, sixhumana ngqo nabathengi baphesheya, siziqhathanise nezimbangi futhi sibheke izindlela ezintsha zokwenzeka kwezinto. Lolu lwazi lumqoka ekwenzeni ukuthi amalungu ethu akwazi ukuhweba emhlabeni jikelele,” kuphetha uNks  u-Atwood-Palm.

Facebook: Setsong Tea Farm

X: @setsong_tea

TikTok: setsongtea

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page