Abemboni yezimoto bazoza namacebo okusiza imboni yabo
YINTATHELI YOMBELE
NJENGOBA imboni yezimoto eNingizimu Afrika ibhekene nengcindezi ngenxa yoguquko ezimakethe ebihweba kuzo, iSA Auto Week 2025 yinkundla efanele yokuza namasu okuyisiza.
I-Absa izobe ihamba phambili ezingxoxweni zalo mbukiso oqala namhlanje uphele ngomhlaka-3 wango-Okthoba. Leli bhange lithi lizimisele ukuba neqhaza elibonakayo ekuguquleni le mboni ukuze ihambisane nezikhathi zamanje.
Le ngqungquthela exhaswe yi-Absa kakhulu izobaseCoega Vulindlela Conference Centre eGqeberha, eMpumalanga Kapa, izogqamisa iminyaka ewu-90 kwasungulwa iNatioanal Association of Automotive Manufacturers of South Africa (iNaamsa) ne-Automotive Business Council kanti ihlanganisa izikhulu ezinamafemu akhiqiza izimoto ezweni, abaholi bakahulumeni, ososeshini bemboni, izazi zomnotho, abaxhasa ngemali nabathutha izimpahla.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/29/i-absa-ihlawuliswe-ur10-million-ngokuphula-umthetho/
Njengoba kulindeleke nabakhiqizi bezimoto nabakwamanye amazwe, i-Absa ithi imboni yezimali kubalulekile ukuthi isondele ukuze isize imboni yezimoto ukuzilungiselela ikusasa.
Isikhulu esiphezulu esiphethe ngokuhlanganyela e-Absa Personal and Private Banking uMnu Geoff Lee sizothula inkulumo yosuku esidlweni wakusihlwa.
I-managing executive for Vehicle and Asset Finance e-Absa uMnu uCharl Potgieter uzovula ingqungquthela. Kulindeleke ukuthi akhulume ngekusasa lemboni yezimoto, usizo lwezimali, ukuguqula imboni nokuyenza ikwazi ukubhekana nezikhathi ezishintshayo.
“Imboni yezimali ibalulekile uma kuzobanoguquko embonini yezimoto futhi iyasiza ukugqugquzela abezimoto ukuthi batshale imali isikhathi eside futhi imboni ikwazi ukuncintisana namanye amazwe. I-SA Auto Week yinkundla yokulalela, ukudingidida nokuzanezisombululo ezizosiza yonke imboni yezimoto,” kusho yena.
Zizobezikhona nezinye izikhulu zakwa-Absa ukukhuluma ngezihloko ezihlukene, okubalwa ezamaloli, ezokuthutha e-Afrika, ukuthi imboni ingenisa malini emnothweni wezwe nokudayisa izimoto phesheya nemisebenzi.
I-Absa ithe kuzohanjelwa izizinda ezikhiqiza izimoto okubalwa iKariega, iStruandale nePort of Ngqura. Le ngqungquthla ihlelwe yiNaamsa, yaxhaswa yi-Absa, iTransUnion nohulumeni waseMpumalanga Kapa.
Kulindeleke ukuthi ibenabantu abangaphezu kuka-1 000 abavela ezimbonini zokukhiqiza, ezemali, ezokuthutha izimpahla, abashaya umthetho nabemboni yobuchwepheshe.

