Kunxuswa abathengi ukuthi baphindise amaFord Mustang, ama-Everest, amaRanger, ama-Ecosport, amaRanger Wildtrack, amaFord Transit Custom, amaNissan Qashqai namaCitroen C4, amaDS4 namaDS5 emagaraji ukuze ayohlolwa. Isithombe: Sithunyelwe

Kunxuswa abashayeli ukuthi babuyise izimoto ezinobuhixihixi 

YINTATHELI YOMBELE

I-NATIONAL Consumer Commission (iNCC) isicele abathengi ukuthi babuyisele emagaraji ezinye izimoto ukuze zihlolwe umkhuhlane ezihamba nawo. 

I-NCC ithe iFord Motor Company Southern Africa (iFord) iyazise ukuthi inxusa abathengi ukuthi babuyisele emagaraji amaFord Mustang, ama-Everest, amaRanger namaTransit Custom ango-2021 kuya ngo-2025. 

Lezi zimoto kuthiwa zinenkinga yokungasebenzi kahle lapho kuvela khona imininingwane, i-screen sivele sibemnyama bese ibhala ukuthi system reboot. Uma kwenzeka loku ngenkathi imoto ihlehla ikhamera esiza umshayela uma ehlehla kungenzeka ingasebenzi, ingabonakali noma isebenze ingavezi okwenzeka ngaleso sikhathi. Ingaveza izithombe okungezizo zendawo umshayeli ahlehlela kuyona, okumbeka engcupheni yokwenza ingozi. 

I-Ford Mustang, i-Everest, iRanger ne-EcoSport kuthiwa zinenkinga yokuthi i-ignition ithatha isikhathi ukukhwahla uma imoto idunyiswa noma icinywa, okungenza ukuthi i-screen esiveza imininingwane singavezi isithombe noma isithombe sihlale ngisho imoto isiqedile ukuhlehla. Loku kwenzeka ezimotweni ezibalwe ngenhla eziphume ngo-2019 kuya ngo-2023. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/14/sekutholakale-ezinye-izimoto-ezinobuhixihixi/

Abathengi banxuswa ukuthi babuyisele emuva amaFord Ranger Wildtrak ngenxa yokuthi kunobuchwepheshe obungasebenzi kahle, i-transmission main valve. Kungenza ukuthi imoto iye phambili noma kufakwe igiya lokuhlehla noma iku-neutral. Uma kwenzeka loku kukhanya ilambu elibika kukhona okungahambi kahle imoto ivele izihambele, okungabanga ingozi. 

I-Nissan inxusa ukuthi kubuyiswe amaQashqai akhiwa kusukela ngoSepthemba wango-2021 kuya ngo-Ephreli wango-2024 ngenxa yokuthi isibambo se-battery asifakwanga kahle. Loku kungenza ukuthi izinsimbi ezibambe i-battery ziphunyelwe ama-retaining nut okungenza ukuthi i-battery lishise ngokweqile.

I-Stellantis South Africa ibikele iNCC ukuthi icela kubuyiswe amaCitroen C4, amaDS4 namaDS5 ezidayise phakathi kwango-2009 nango-2016 ngenxa yokuthi i-airbag yomshayeli ingaqhuma uma kufanele ivikele umshayeli. Loku kungenza ukuthi kuphume izicucu eziyinsimbi kwi-cabin ezingalimaza umshayeli nabagibeli noma zibabulale. 

I-NCC ithe bonke abashayeli bezimoto ezibalwe lapha kufanele bazibuyisele emagaraji aseduze nabo azidayisayo ukuze zizohlolwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page