Abantu abawu-250 000 abalulekwa ngezikweletu babuyisela izigidigidi emnothweni. Izithombe: Zithunyelwe

Imali ewuR15 billion yabantu baseNingizimu Afrika ikhokhela izikweletu njalo ngonyaka

YINTATHELI YOMBELE

BAWU-250 000 abantu baseNingizimu Afrika abalulekwa ngezikweletu kanti njalo ngonyaka bakhokha uR15 billion ngazo.

Lolu lwazi luvele embikweni omusha weNational Debt Counsellors Association (iNDCA) ebibika ngobuhle bokuthola usizo uma usucwile ezikweletini. 

Usihlalo weNDCA uMnu uBenay Sager uthe bangaphezu kuka-2 million abantu baseNingizimu Afrika asebehlomule ngokwelulekwa ngezikweletu kusukela ngo-2007 futhi basizwa ukulawula izindaba zabo zezezimali  futhi babuyisela imali engaphezu kwango-R120 bn ezinkampanini akade bezikweleta. Le mali uthi ibuyela emnothweni iwusize ukukhula.

Uthi abantu abalulekwa ngezikweletu okwamanje bawu-250 000. “Sibanantu abawu-250 000 abalulekwa yizinkampani ezisiza abacwile ezikweletini. Bona bakhokha uR15bn njalo ngonyaka. Kubalulekile ukuthi abantu bakhokhe izikweletu zabo ngoba le mali ibuyela emnothweni, isize abanye abantu  abakwazi ukwenza izidingo ezikhulisa umnotho,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/15/kwehlisa-umthwalo-ukuhlanganisa-izikweletu/

Uthi uma umuntu esesindwa yizikweletu kukhona angakwazi ukuzikhokhela kubalulekile ukuthi asheshe acele usizo kubeluleki ngezikweletu.  “Loku kuvikela izimpahla zomuntu okubalwa izindlu nezimoto, kumehlisele nokhwantalala lokuhlazeka sekudliwa izimpahla ahluleka ukuzikhokhela,” kusho uSegar. 

Uthe imboni yabaluleka ngezikweletu iqashe abantu abawu-10 000 kusukela kwababolekisa ngemali, abaluleka ngezikweletu, abafaka abantu ohlwini lwabakweletayo, izinhlangano eziqinisekisa ukuthi imali iya lapho kufanele iye khona, izinkampani zobuchwepheshe, ezabameli nabashaya umthetho. 

Usihlalo weNational Debt Counsellors Association uMnu uSager

Ubalule ukuthi umthetho wezwe uthi u-90% wemali ekhokhwa wumuntu awukhokhele izikweletu, okuyinto engafani nakwamanye amazwe lapho kuba wu-40% noma-wu-50% okhokhela izikweletu. 

Uthi kubakulekile ukuthi izinkampani eziluleka ngezikweletu zifundise abantu ngokuphatha izimali nangokukweleta okuhlelekile okusiza imindeni. 

Uthi uthemba ukuthi ukuchibiyela umthetho wokukweleta i-National Credit Act kuzonika abaluleka ngezikweletu amandla okusiza abantu ngezinye izikweletu ezingekho ngaphansi kwabo okwamanje. Ubalule kuzo ama-levy, izikweletu zezidingo zikamasipala nemali yesikole.


“Loku kungasiza ukubuyisela imali ekweletwa izikole nomasipala bese kuhlomula umnotho. Le mboni yokululeka ngezikweletu iwusiza kakhulu umnotho nabathengi,” kuphetha uSager.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page