Isiqengqe sezinombolo sijatshuliswa wukuletha ushintsho empilweni yabantu
WUBONISWA MOHALE
UPHUMA emndenini ogcwele othisha kwazise uninakhulu wayewuthisha, omalume nezinye izihlobo bawothisha. Ngisho unina washiya ubunesi, wabawuthisha.
Umphathi weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uNomalungelo Mkhize uthi: “Ngikhula ngangizitshela ukuthi ngizobawuthisha ngoba ngisho sidlala sasidlala isikole. Kwathi sengifunda amabanga aphezulu ngathanda i-accounting. Othisha bathi angithathe i-Mathematics ne-Accounting.
“Sengifunda u-Grade 11 kwafika (esikoleni) abantu abakhuluma nge-chartered accounting. Ngabona ukuthi ngifuna ukuba yi-chartered accountant ngoba sasisincane isibalo sabantu abamnyama besifazane kuyona. Ngathola ukuthi yiwona msebenzi osezingeni eliphezulu kwi-accounting, ngazinika inselelo yokungena khona.”
Okunye okwakumgqugquzela wukuthi kwakuzoba wuyena yedwa owenza into ehlukile kubo. Ugogo wakhe wayethe aqale enze i-diploma yobuthisha kodwa wakhetha indlela ehlukile.
Ukwazi ukuthi umsebenzi awenzayo uletha umehluko empilweni yabantu baseNingizimu Afrika kumnika umdlandla wokuvuka nsuku zonke.
Uthi leli hhovisi aliwona amaphoyisa, ngakho asikho isidingo sokuthi omasipala, iminyango kahulumeni nezinkampani zikahulumeni balisabe.
“Umsebenzi weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele wukuqinisekisa ukuthi imali yabakhokhintela ayilahleki futhi isebenza ukuthuthukisa impilo yabantu. Akusikona ukuthi sifike sibheke okungalungile bese sishiya kanjalo.
“Uma sibona ukuthi izimali azisebenzi ngendlela efanele, siyasho ukuthi kunemali elahlekile, sibuze ukuthi ishone kuphi? Uma kunemali emoswayo, siyasho futhi ukuthi kunemali emosiwe sibuye siphakamise izindlela zokukugwema ukumoseka kwayo,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-44.
Uthi omasipala, iminyango kahulumeni nezinkampani zikahulumeni ezisebenzisana kahle naleli hhovisi futhi ezikwenzayo okusuke kuthiwe azikulungise ziyashintsha zibesesimweni esingcono.
“Selinamandla manje, ngakho abamosa imali nabayidlayo bazoyikhokha. Sifuna ukubona ukuthi izimenenja zomasipala ziyilanda kanjani imali. Uma zingazilandeli izincomo zethu, yizona ezizoyikhokha imali.
“Thina sisuke sikhona ukukhombisa abaphethe omasipala, iminyango kahulumeni nezinkampani zawo ukuthi benze kahle. Asibalahli (kodwa) sicathula nabo, sicwaninge ukuthi yikuphi abakulungisile. Abalalelayo isimo sabo siyashintsha,” kusho uNkk uMkhize.
Uthi sekuyisikhathi sokuthi izincomo zaleli hhovisi zilalelewe ngoba izinqumo ezithathwa womasipala zinomphumela ebantwini. Wenze isibonelo ngokungalungisi ingqalasizinda kuze kuvuze amapayipi, indle iyongena emfuleni, ngakho umbiko uzobeka umasipala icala lokubeka impilo yabantu engcupheni nokunganakekeli imvelo. Uthi ababheki nje ukulahleka kwemali kuphela kodwa yonke into elimaza umphakathi.
“Ngisebenzile embonini ezimele ngingumcwaningimabhuku kodwa okungilethe kuhulumeni wukuthi ngifuna abantu baseNingizimu Afrika babenempilo engcono ngokuqinisekisa ukuthi imali isetshenziswa kahle komasipala, eminyangweni kahulumeni nasezinkampanini zawo. Ukwenza loku kuqinisekisa ukuthi abantu bathola izidingo futhi nengqalasizinda yabo iyalungiswa.”
UNkk uMkhize wazalelwa KwaSanti, wakhulela KwaNdengezi, entshonalanga yaseThekwini, kanti uhlala kwenye yezindawo ezisentshonalanga yaseThekwini.
Amabanga aphansi uwafunde eSt Wendolins Primary, wadlulela ePinetown Girls’ High School wase eseya eNyuvesi yaKwaZulu-Natal eMgungundlovu, lapho enza khona i-Bachelor of Commerce Accounting ngo-2001 wenza ne-Honours kwi-Accounting, ayiqede ngo-2002.
Emva kwaloko waqeqeshelwa umsebenzi enkampanini eyamxhasa esafunda iDeloitte, eThekwini, wabhala ama-board exam amabili.
“Abamabili ama-board exam esiwabhalayo kule mboni. Eyokuqala yangishikilisa ngoba ngaze ngayiphasa sengiyizama okwesithathu. Eyesibili ngayiphasa okokuqala. Ngithe sengiqeda ukuqeqeshelwa umsebenzi ngemva kweminyaka emithathu, ngase ngiwaphasile wonke ama-board exam,” kusho yena.
Uthi emva kweminyaka emithathu, iDeloitte yamthumela eMelika esebenza ehhovisi lale nkampani eliseChicago naseSan Francisco. Imcela ukuthi ahlale, wanqaba ngoba wayesekhumbule eNingizimu Afrika.
“Ngase ngikhumbule isiZulu nomndeni wami. Ngiyayithanda kakhulu iNingizimu Afrika. Ngithe sengibuya ngase ngiyi-chartered accountant, ngaqashwa ngabayimenenja eDeloitte,” kusho yena.
Kwizinselelo abhekene nazo ubala ukuthi izifundo zakhe zazinzima, zidinga ukuthi azinike isikhathi sokufunda ngoba engafuni ukufeyila. Eyoqala enyuvesi wayengenayo imali yokufunda kodwa ugogo wakhe owayesanda kuthatha umhlalaphansi wamkhokhela.
Wayengafuni ukumphoxa ngoba kwakunguye yedwa ugogo ofaka imali ekhaya, kwazise unina wayengakaqashwa ngokugcwele emsebenzini wakhe wobuthisha.
Enyuvesi wayehlale ebheke izincwadi futhi efaka izicelo zemifundaze. Ngonyaka wakhe wesibili waxhaswa yiDeloitte.
Inselelo yakhe yokuqala wukubane“milenze” emibili emva kokuhlolwa kokugcina enyuvesi. Uthi loku kwamphatha kabi ngoba wayewumfundi ophasa kahle. Nokho uthi kwamfundisa ukuthi impilo ibuye ingahambi ngokwezinhlelo zakho. Wavuka wazithatha, wayiphasa imilenze.
Ukungabikho kwabantu abamnyama embonini yabacwaningimabhuku nako kwaba yinselelo ngesikhathi esaqala ngoba uthi kwakungelula ukubheka umuntu ozomsiza kodwa babesizana bodwa nayefunda nabo.
Inselelo abhekene nayo manje eyokuthi isikhathi somsebenzi nesomndeni kungashayisani ngoba le mboni idinga isikhathi somuntu.
“Kubalulekile ukuthi ubenabantu abazokweseka ngezikhathi obadinga ngazo. Kimina wumndeni. Umndeni ubalulekile ukuthi ubeseduze. Uma abantu bengibuza ukuthi awukaze nje uyosebenza eGoli, ngithi cha ngoba ngiyazi lo msebenzi udinga isikhathi. Uma ngisemsebenzini ngithanda ukuthi izingane zami zibesekhaya. Umama ulanda izingane esikoleni uma ngimatasa. Loku kunginika isikhathi sokusebenza kahle ngoba ngisuke ngazi ukuthi izingane zihleli kahle.
Enye inselelo wukuthi ngiye ngihambe ngomsebenzi wami njengoba ukucwaninga amabhuku kuthinta abantu. Ezinye izinto ngiyazicabanga noma ngisekhaya. Akungikhathazi loku ngoba ngiyazi ukuthi ngisebenzela abantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena.
Into ayithanda kakhulu ngomsebenzi wakhe wukuthi uthinta umphakathi ngqo, akasasebenzeli nje ukubheka ukuthi inkampani yenza inzuzo kodwa wenza umsebenzi ozokhombisa izizukulwane ukuthi washintsha isimo sempilo.
“Angikakaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyosebenza nabantu abathatha izinqumo ngezwe. Isibonelo nje undunankulu waKwaZulu-Natali (uMnu uThami Ntuli), siyaxoxa naye, ungazi ngegama.
“Lo msebenzi unginika ithuba lokuthinta izimpilo zabantu, ngiqinisekise ukuthi kubanenqubekela phambili, okuzothi noma ngingasekho umntanami abone ukuthi umama wawenza umehluko. Angisebenzeli ukwenza inzuzo esizohlukaniselana ngayo njengasembonini ezimele. Leli hhovisi linabantu abahlakaniphe ngendlela eyisimanga abenza ukuthi ubenolwazi ongalutholi esikoleni.”
Uzichaza njengomholi osebenzela abantu. Akayena umuntu ofuna ukuthi kuzuze yena kodwa uwumholi ofuna kuzuze abantu. Njalo uma esebenza ufuna ukwazi ukuthi angamsiza kanjani umuntu amholayo nabantu baseKZN nabaseNingizimu Afrika.
Ukholelwa ekutheni umholi kufanele abambisane nezisebenzi, ufuna wonke umuntu abeke uvo lwakhe ngisho sekunento okufanele ixazululwe ufuna zonke izisebenzi zibeke imibono yazo.
Ungumholi othanda inqubekelaphambili yabantu besifazane. Uthi amantombazane akufanele abuke izifiso zawo njengephupho kodwa kufanele azisebenzele ukuze aphumelele.
Ululeka intsha ukuthi ingazibukeli phansi, ingafuni ukuzenza into engeyona. Uma iphasa kahle esikoleni, akufanele ithole o-75% ekubeni ikwazi ukuthola u-90%.
“Kubalulekile ukuthi ithalente lakho libonakale ngoba ngisho ususebenza lisiza ukukhulisa inkampani. Kulandele okholelwa kukho. Funda ngoba sekukhona nesikhwama esixhasa izitshudeni.
Elakhe lokugcina lithi: “Sifuna abantu abasha abangena kule mboni babenezinselelo zabo, mhlawumbe bazobe sebelwa namarobhothi. Sikhona siwomama sishadile, sinezingane. Sikhona ukubanika ulwazi abafuna ukungena kule mboni. Sivakashela izikole sinike ulwazi ukuze amantombazane abone ukuthi uyakwazi ukuphumelela uwumuntu wesifazane.”
Okunye ngaye:
- UwumaXaba;
- Unezingane ezintathu, abafana ababili, oneminyaka ewu-18 newu-15, nentombazane eneminyaka eyishumi;
- Incwadi ayithandayo ekaRobin Sharma iThe Monk Who Sold his Ferrari;
- Uthanda iculo leMailaka iDestiny. Ladlala eyobhala i-board exam yakhe yokuqala okwesithathu, ayeyivulele phezulu esahamba ngeToyota Tazz;
- Ubukela kugogo wakhe osashona (uKaMalinga), owashonelwa ngumyeni esemncane kodwa wawubamba umndeni futhi waqinisekisa ukuthi wonke uyafunda. Uthi nguye yedwa owayesebenza kodwa waqinisekisa ukuthi izingane zakhe nabazukulu bayafunda. Ubukela nakumphathi wakhe uNksz uTsakani Maluleke nakuNkk uBongi Ngoma, inhloko yokucwaninga ngoba bayakwazi ukunika ithemba, bakhuluma kahle futhi benza abaholi bazizwe kahle noma kuthiwa kukhona lapho bengenzanga kahle khona.

