UDkt uMzamo Masito, umphathi weCanva Africa nomsunguli wenhlangano engenzi nzuzo enakekela abafana abampofu i-African Men Care. Izithombe: Zithunyelwe

Ukhathalele imfundo nokufukula abafana abahlwempu

WUSLINDILE KHANYILE 

UKUBONA unina evuka ezithatha iminyaka isihambile ngokubuyela esikoleni kumenze waphokophela ukwenza izinto ezinkulu nezingcono empilweni. Umphumela waloko wukuthi namhlanje ungomunye wabantu abaphethe ezinye zezinkampani ezinkulu zobuchwepheshe emhlabeni, ufundisa enyuvesi futhi useyisifundiswa.  

UDkt uMzamo Masito ungumphathi weCanva Africa, inkampani yobuchwepheshe elekelela osomabhizinisi abancane nabathengi banciphise izindleko zokwenza izinto ezifana nama-presentation, izimemo, ama-video nokunye. 

Ngaphambi kwalo msebenzi, uMasito ubeyisikhulu esiphezulu ophikweni lokukhangisa eGoogle Africa, isikhondlakhondla sobuchwepheshe esenza kubelula ukubheka ulwazi kwi-internet.  

“Umama wangithola eseyijongosi efunda esikoleni samabanga aphezulu kanti wayesebenza ezindlini zabantu. Ngelinye ilanga wabuyela esikoleni. Loku kwenza kwabalukhuni ukuthi ngiyeke phakathi esikoleni nokuthi ngingazimiseli. Wafundela ukubawusonhlakahle e-University of Western Cape eseniminyaka eko-30 kanti kuthe eseneminyaka eko-50, wathola iziqu ze-Master’s eStellenbosch University. 

“Yisona sipho esikhulu engasiphiwa ngumama; ukubona umuntu ebhukula ukuze akwazi ukuzimela empilweni. Yinto engiyibone ngamehlo, angifuniseli ngayo. Ngambuza ngelinye ilanga ukuthi yini eyamenza waphindela esikoleni, wathi: ‘Ngangifuna into engingeke ngiyiphucwe muntu’,” kusho uMasito.  

UMasito uthole iziqu zakhe zobudokotela iPhD in Business Science e-University of Cape Town, lapho efundise khona. 

Ngaphambi kokusebenzela lezi zinkampani zobuchwepheshe usebenze e-Unilever. Wafika khona emva kokuyeka ukubawuthisha, – into athi iwubizo lwakhe. 

Waqala wabawuthisha kodwa uthi ukuhola utiki kothisha kwamenza wabona ukuthi kuzomthatha isikhathi  eside ukuphucula impilo yakhe neyomndeni wakhe. 

“Imali ibalulekile. Ukwazi ukukhetha izinto futhi ukwazi ukuthenga isikhathi. Uma ngingafuni ukuhlanza into, ngingakhokhela umuntu ozongihlanzela yona. Umqondo uyakhululeka, uyazethemba futhi awusabi ukuzama izinto. Kunzima ukucabanga ukuhlanganisa iTesla uhlupheka. Akufanele senze sengathi ububha yinto enhle,” kusho yena.  

UMasito ukhulele emijondolo yaseKhayelitsha, eNtshonalanga Kapa, kanti uthi ngaphandle kokubona udlame olwaluhambisana nohulumeni wobandlululo, ukukhulela kule ndawo kwasho ukuthi usheshe ujwayele ukubona udlame.  

“Cishe ngangineminyaka eyisikhombisa noma eyisishiyagalombili ngiqala ukubona umuntu ogwaziwe, into okungafanele ingane iyibone,” kukhumbula yena.  

Uthi inqola yake yacisha yaphuma espolweni kuyena ngesikhathi eseyibhungu njengoba wazama ukudayisa izidakamizwa. Wasizwa ukuthi uyise omkhulisile owayeshade nonina kwabawukuzwa nje, wamyisa kwiziKawoti, okwenza ukuthi njalo ngezimpelasonto wayengabibikho eKhayelitsha ngoba izinto zeziKawoti zaziqhele okungenani ngamakhilomitha ayishumi kunakubo. 

“Wonke umuntu onethalente udinga ukuhlale ematasa. Kuthiwa usathane uyazicanasela engqondweni engenzi lutho. Ngesikhathi ngiyisiKawoti, ngaqala ngajwayela ukuqwala izintaba, izinto engangicabanga ukuthi ngezabelungu.” 

Ngale kokubona unina ephindela esikoleni, kunezinye izinto ezimbili ezisize uMasito empilweni. Yithuba lokuyosebenza eMelika nokuyokwelapha umphefumulo nengqondo.  

“Ngesikhathi ngiyosebenza eMelika, ngabona ubuciko obabuyisithombe sikaJesu nabalandeli bakhe bedla isidlo sokugcina kanti bonke babemnyama. Ngaqala ngabona ubuciko obangikhulula ebugqileni obabuhambisana nokucindezelwa ngabelungu. Ngafunda ngoSteve Biko, uFrantz Fanon, ngaqala ngakuthanda ukubawumuntu omnyama futhi ngafunda ukuthi ukukhuluma isiNgisi akusho ukuth uhlakaniphle,” kukhumbula yena.  

Eqala ukuyolashwa umphefumulo nengqondo, uMasito yingesikhathi esebenza e-Unilever eneminyaka engu-23 noma ewu-24 kanti uthi kwashintsha indlela enza izinto ngayo. 

Uthi kwamelapha ezintweni eziningi njengokuthi wayehlale ecabanga ukuthi abantu bazomlahla ngenxa yokuthi akakhuliswanga wuyise omzalayo.  

“Ngaphambi kwaloku ngangicabanga ukuthi ukuyolashwa umphefumulo yinto yabantu abagula ngengqondo kodwa lesi yisona sipho esikhulu kunazo zonke esengike ngazithola. Yinto enhle ukudlula iwashi likanokusho elinjengeRolex noma imoto. Ngesikhathi ngiqala ukuya, ngangikhokhelwa wumqashi wami ngaleso sikhathi kodwa emva kwalokho, ngaziyela futhi namanje ngiyaya ukuyobuyekeza izinto.” 

Ukholwa wukuthi kungasiza ukushintsha indlela ukwelapha umphefumulo nengqondo okubukwa ngayo ukuze kungaloku kuyinto yabantu abathile. 

Uthi uma izindawo ezifana namasonto, izitokfela, ukuzikhipha nabangani bakho kungayizinto ezithathwa ngokuthi nazo ziwukuzelapha ngokomphefumulo, baningi abantu abangeke bakuxwaye. 

“Asikhulumeni ngakho, sikujwayele ukuze siyeke ukukuxwaya nokucabanga ukuthi yinto yabantu abathile futhi abanemali. Ezikoleni uma kwenziwa isifundo esifana ne-Life Orientation, ezindaweni zenkolo, noJesu wayengumuntu obuye angabaze, owayebasezinhlungwini, asikwenzi ngani thina loko?” 

UMasito uthi enye yezindawo athandwe kuyona yisesikoleni. Uthi othisha babevame ukumupha ukudla futhi bemnakekekela. 

“Uma umuntu oyedwa noma ababili bekuthanda, mancane amathuba okuthi uhambe uhlupha umphakathi ongakwenzanga lutho,” usho kanje. 

Njengoba ashiya ubuthisha, uthi esinye sezeluleko ezinhle azithola ngesikhathi kufanele ahole imali enkulu, onge ngangamandla akhe futhi anikele ngangamandla kuthi enye ayisebenzise ngendlela afisa ngayo. 

“UNkulunkulu uthi: ‘Kulindeleke lukhulu kulowo owabelwe okukhulu’. Ngenkathi uphana kakhulu kunabantu abathi ‘INkosi ikubusise’, uNkulunkulu uyayizwa leyo mikhuleko. Umnikelo wami weshumi uya enhlanganweni engenzi inzuzo.” 

Sekungaphezu kweminyaka ewu-20 uMasito asungula inhlangano engenzi nzuzo ebheka abafana abaqhamuka emakhaya ahlwempu, i-African Men Care. 

Ngale kokubalekelela ngokuthi bathole amathuba angcono emfundo kodwa uthemba ukuthi bazokhula babengamadoda azethembayo futhi babenamaphupho amakhulu. 

UMasito uthi lo msebenzi ubalulekile njengokufundisa izingane ngemali zisencane ukuze ziyiqonde ukuthi isebenza kanjani. Uthi akufanele abazali basabe ukutshengisa izingane zabo ama-payslip ukuze zazi kahle ngemali engena ekhaya, izindleko nokuthi kusala malini uma sezikhokheliwe. 

“Abazali babantu abamnyama abakhule behlupheka babuye bazame kakhulu ukuthi izingane zabo zingadluli kwabadlule kukona. Babuye bahluleke ukuzilindisa izingane, bafune ukuzinika yonke into manje,” kusho yena.  

Ekhuluma ngokusebenzela izinkampani ezinkulu zobuchwepheshe ezibuye zigxekwe ngokubangogombelakwesabo, uthi akaze ezwe ngenkampani enenkinga ngokushaywa komthetho ozovuna izwe elithize nezakhamuzi zalo. Uvumile ukuthi yonke into inokuhle nokubi ngayo.  

Okunye ngaye:  

  • Unamadodakazi amathathu; 
  • Uthanda i-jazz, ukubuka imidlalo yeshashalazi nezincwadi;
  • Ukhonze ubuciko;
  • Uyazisola ngokungazami kangcono ngesikhathi eshadile njengoba esehlukanise kabili;
  • Ukhonze izigqoko, athi wufuzo ngoba noyise wayezithanda;
  • Ukhonze ukugijima yize eseqale nokuthanda isibhakela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page