Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Unathi Mthwazi, odume ngelikaSmartBlack Mampondo. Uyimbongi yezinkondlo nomculi we-Afro pop. Udume ngenkondlo ethi uSnenhlanhla nezingoma ezithi Angiyi Ndawo nethi I-lotto 

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa kodwa hhayi njalo.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngisafunda uMatikuletsheni ngo-2013, ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo noyifunde ngemali?

Ngifunde ukuthi imali ayizi kalula, kumele uyisebenzele kanzima ukuze ube nayo.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ukuhola ngomsebenzi wobuciko ngenkathi ngimenywe emcimbini wezinkondlo i-Poet In A Suit, ngahola uR500.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngagibela ngawo ukuphindela ekhaya, ngase ngithenga izinto ezincane zasendlini.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Kuningi esengikwenzile ngemali kusuka ekuzithuthukiseni kwezobuciko kuya ekulekeleleni ezidingweni zansuku zonke ekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukungayongi nokungayibeki uma nginayo.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi uma unemali kumele uqinisekise ukuthi kukhona encane oyibekayo ukugwema ukungabi namali.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ngokulungisa umuzi wasekhaya, esalayo ngiyitshale ebucikweni bami.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi abasebenze kanzima ukuze babenemali nokuthi uma bethola imali abayitshale ebucikweni babo ukuze bakhule kule ndima. – WuSimangaliso Ntshangase

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page