I-Transnet isembhidlangweni wokuphucula ukusebenza kwamachweba. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUNEZINHLELO ezihlukene ezenziwa yiTransnet ukuzama ukulungisa izinkinga ezikhona emachwebeni nasezitimeleni, okuphazamisa ukuthuthwa kwezimpahla eNingizimu Afrika. Yizinhlelo lezi ezizothatha izinyanga eziphakathi kwezintathu kuya kweziwu-18 ngaphambi kokuthela izithelo.
Usho kanje uMnu u-Andile Sangqu, usihlalo webhodi yeTransnet, ngesikhathi izikhulu zale nkampani zikhuluma nabezindaba namhlanje. Kulesi sithangami nabezindaba ebesigxile echwebeni laseThekwini, uSangqu uthe isiminyaminya yinkinga ejulile okuzothatha isikhathi ukuyixazulula.
Uthe kunezinto ezine eziseqhulwini kwabazama ukuzilungisa. Okokuqala, wukuphucula ingqalasizinda abayisebenzisayo, athe isigugile futhi kuneminyaka inganakiwe, umsebenzi abathi uzodla cishe uR50 billion.
“Okwesibili, wukuphucula amachweba ethu ngoba awasona isimanjemanje, ukuze ahambisane nendlela osekwenziwa ngayo emhlabeni. Okwesithathu, wukuthi kufanele sandise indawo imikhumbi efikela kuyona kanti kunezinhlelo zokukwenza lokho.
“Okwesine kuthinta ezobuchwepheshe emsebenzini esiwenzayo emachwebeni ethu, ukulandela kahle imikhumbi, izimpahla. Ukusebenzisa ubuchwepheshe emisebenzini yethu ukunciphisa isikhathi esilindwayo,” kusho yena.
Ngo-2011 iTransnet yethula ubuchwepheshe obubizwa ngeNavis eyethembisa ukuthi ngokusebenzisa bona izinto zizophucuka emachwebeni. Yathi imisebenzi eminingi isizokwenziwa yimishini, ukunciphisa ukubambezeleka kwezimpahla futhi kwehlise nesinyokotho samaloli.
Isikhulu esiphezulu esibambile uNks uMichelle Phillips sithe akusikho ukuthi iNavis ayisasebenzi.
“Into usihlalo abekhuluma ngayo ithinta kakhulu okwashiwo yiHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele owathola ukuthi kusenezinto eziningi ezenziwa ngabantu kodwa esingakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe ukuzenza, ikakhulukazi imisebenzi ethinta indlela esithenga izimpahla ngayo.
“I-Navis ayihlulekile kodwa ubuchwepheshe buhlale buhlale budinge ukuphuculwa. Saba yizwe lokuqala ukusebenzisa iziko elilodwa sakwazi ukuhlelela kahle imikhumbi. Kepha kufanele sihlale sihlale siphucula indlela esisebenza ngayo, siphucule namakhono abantu,” kusho yena.
USangqu wengeze ngokuthi kubalulekile ukusebenzisana nokubambisana nezinhlaka ezihlukene nemboni ezimele, wagcizelela ukuthi kumqoka ukusheshisa ukuthi izinkampani ezizimele zibe nezabelo emachwebeni.
Ichweba laseThekwini yilona chweba elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika futhi zingaphezu kuka-40% izimpahla zezwe ezithuthwa khona. Nokho, sekuyiminyaka leli chweba lingasebenzi ngendlela efanele.
UMnu u-Earle Peters, i-managing executive yeDurban Terminals, uthe ukuvama kwesimo sezulu esibi kwandisa izinselelo ababhekana nazo njengoba ethe nako kuphazamisa ukusebenza kwabo.
Uthe: “NgoSepthemba silahlekelwe amahora awu-106, kwathi ngo-Okthoba salahlekelwa amahora awu-159. Abahlala lapha eThekwini, imvula nokuduma kwayizolo kwenze sangakwazi ukusebenza amahora amane, ekubeni sibheke esikhathini sokuba matasa ngoba kuza izimpahla zikaKhisimusi kanti nomnotho waseChina umandla.”
U-Peters ubalule inqwaba yezinhlelo zokuthenga imishini emisha nezinye izinsizakusebenza ezidingekayo ukuphucula umsebenzi ezizoqhubeka kuze kube wu-2025.
Kafushane ngechweba laseThekwini:
- Izimpahla ezingaphezu kuka-40% zaseNingizimu Afrika zithuthwa kulona;
- Likwazi ukwamukela imikhumbi eyisithupha ngesikhathi;
- Limumatha amaloli awu-2 400 nezitimela eziyisishiyagalombili kanyekanye;
- Linezisebenzi eziwu-2 700;
- Imikhumbi iya futhi iqhamuka emazweni awu-160;
- I-Pier 1 imumatha ama-container awu-700TEUs;
- I–Pier 2 umumatha ama-container awu-2m TEUs.
- Lolu lwazi lucashunwe kwiTransnet Port Terminals