I-IEC iqinisa imithetho yokhetho yokunqanda izindaba ezingamampunge

AMAQEMBU epolitiki nabantu abangenela ukhetho kuzodingeka baqaphele ukuthi yiluphi ulwazi abaludlulisela kubavoti njengoba ikhomishini yokhetho i-Independent  Electoral Commission (i-IEC) isikhiphe imithetho emisha yokunqanda ukusabalala kolwazi olungamampunge ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026, olungomhlaka-4 wangoNovemba.

Imithetho kamasipala ilawula ukusebenza kwabahwebi abancane

IMITHETHO kamasipala ineqhaza elikhulu kubadayisi, ikakhulu abasebenza emgwaqweni namabhizinisini amancane. Le mithetho ingavikela umphakathi kodwa futhi idale izithiyo kubantu abafuna ukuziphilisa.

Osomabhizinisi abancane bafuna izinsiza ezisebenzayo ngaphambi kokhetho

NJENGOBA kusondela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangoNovemba 4, osomabhizinisi baseLimpopo bathi bafuna omasipala abaletha izinsiza ngendlela efanele nabadala indawo evumela amabhizinisi ukuthi akhule, kunokwethembisa izinto eziningi ngesikhathi semikhankaso yokhetho.

Kuhlukene imibono ngeqhaza lomasipala ekusizeni osomabhizinisi abancane

NAKUBA omasipala benomsebenzi wokuseka amabhizinisi amancane ukuze akhule afukule umnotho wendawo, osomabhizinisi abaningi basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natali bahlukene ngemibono ngohlobo losizo abaluthola kuhulumeni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page