Ukugcwalisa izikhala zokuphatha ezibalulekile kulekelela uMasipala waseMlalazi ukuphatha izimali

NGESIKHATHI abanye omasipala behluleka wukuphatha kahle imali kunomasipala omncane enyakatho yeKwaZulu-Natali oloku uthola umbiko wezimali ongenagcobho kumcwaningimabhuku-jikelele.

Osomabhizinisi abancane bafuna izinsiza ezisebenzayo ngaphambi kokhetho

NJENGOBA kusondela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangoNovemba 4, osomabhizinisi baseLimpopo bathi bafuna omasipala abaletha izinsiza ngendlela efanele nabadala indawo evumela amabhizinisi ukuthi akhule, kunokwethembisa izinto eziningi ngesikhathi semikhankaso yokhetho.

Izikhwama zempesheni zingalekelela intuthuko – uButhelezi

AWUKHO umnotho ophumelelayo uma omasipala bengasebenzi ngendlela efanele kanti uma kubhekwa izinto ezenzeka komasipala abakhulu, kuyabonakala ukuthi iNingizimu Afrika isaqhubeka nokubanezinselelo.

IKhomishini yoKhetho ithule uhlelo lokubhalisela ukuvota lweWhatsapp

IZAKHAMUZI zaseNingizimu Afrika ezisadinga ukubhalisela ukuvota zizovota ngezindlela ezihlukene njengoba inhlangano engamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) isithule uhlelo lokubhalisela ukuvota lweWhatsapp.

Osomabhizinisi abasebenzela emakhaya bafisa omasipala babaxhase kangcono

NJENGOBA sekusondele ukhetho lomasipala, olungoNovemba, osomabhizinisi abancane baKwaZulu-Natali bathi nakuba imithetho kamasipala ibavumela ukuthi bahwebe ngokusemthethweni ngaphansi kwemibandela ethile kodwa inqubo yokuthola izimvume nokuxhaswa isabambezela ukukhula kwamabhizinisi abo.

Kuhlukene imibono ngeqhaza lomasipala ekusizeni osomabhizinisi abancane

NAKUBA omasipala benomsebenzi wokuseka amabhizinisi amancane ukuze akhule afukule umnotho wendawo, osomabhizinisi abaningi basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natali bahlukene ngemibono ngohlobo losizo abaluthola kuhulumeni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page