Unobhala-jikelele wenhlangano i-Abahlali baseMjondolo uMnu uThapelo Mohapi uthi bafuna uhulumeni wehlise umthwalo kubantu abasebenzisa upharafini. Isithombe: Sithunyelwe

Bangaphezulu kwango-500 000 abasindwa yizindleko zokukhuphuka kukapharafini 

WUBONISWA MOHALE 

BATHWELE kanzima abantu abahlala ezindaweni ezingenagesi njengoba upharafini abapheka ngawo usubiza uR30 ilitha.

Unobhala-jikelele wenhlangano i-Abahlali baseMjondolo uMnu uThapelo Mohapi usola uhulumeni ngokungakhathaleli abantu abangaphezu kwango-500 000 abapheka ngopharafini emakhaya nasemijondolo.

“Impi eqhubeka eMiddle East inyuse amanani kaphethroli, akadazili nakapharafini. Siwubonile uhulumeni wehlisa umthwalo (kubantu) abasebenzisa udizili nophethroli ngokwehlisa intela yawo ngoR3, okwenze ukuthi ilitha lawo lingakhuphuki kakhulu kodwa kupharafini awenzanga lutho. 

“Ilitha likapharafini linyuke ngoR11.67. Loku kunciphisa imali yokuphila yabantu abampofu ngoba iningi labo alisebenzi futhi liphila ngezibonelelo zikahulumeni,” kusho yena.

Isakhamuzi sasemijondolo yaseWelbedacht, eChatsworth, eThekwini, KwaZulu-Natali, uNksz uNoncedo Makhaphela sitshele Umbele ukuthi ilitha likapharafini bebelithenga ngoR18 ngoMashi kodwa manje selibiza uR30. 

“Ngalana abantu abaningi banogesi kodwa thina esihlala ezansi kakhulu asikakawudonsi. Sithenga ilitha ngoR30 manje, lisuka kuR18. Kunzima ngoba ilitha lipheka ukudla kwezinsuku ezimbili. Asisebenzi, siphila ngezibonelelo zikahulumeni ngoba imisebenzi ayikho,” kusho yena.

Akathandanga ukushuthwa wathi akathandi ukubonakala emakhaya ukuthi uphila kanzima eThekwini.

FUNDA NALAPHA: Ukunyuka kukaphethroli kuzozwela kakhulu kwabahola kancane – izingqapheli

UMohapi uthe ukukhuphuka kakhulu kwamanani kapharafini kufanele kukhombise uhulumeni ukuthi abantu abangenamali badinga isibonelelo sabantu abangasebenzi esiwuR1 500 ngenyanga.

“Uhulumeni uthi awukho umthetho owuphoqa ukuthi wehlise amanani kapharafini, ngakho kufanele uze nawo lowo mthetho ngoba baningi abantu abasasebenzisa upharafini. Uma usunyuka kakhulu kanjena kusho ukuthi kuncipha imali yegrosa yemindeni njengoba Ibiza ngaphezu kwangoR4 500 eyomndeni onabantu abahlanu. Uma ilitha likapharafini lihlala izinsuku ezimbili kusho ukuthi imindeni ephila ngezibonelelo zikahulumeni izothwala kanzima,” kusho uyena.

Umengameli weGeneral Industries Workers Union of South Africa uMnu uMametlwe Sebei naye usola uhulumeni ngokungabakhathaleli abantu abahluphekayo ngoba ukubiza kukapharafini akucindezeli nje kuphela abantu aahlala emijondolo nasemakhaya kodwa nabasebenzayo.

“Phela abantu abasebenzayo bathumela imali emakhaya, amanye amatekisi anyuse imali yokugibela, amanani kagesi anyukile. Konke loku kusinda abantu bakuleli zwe. Osebenzayo akasenayo imali eyanele yokuphila nayithumela emakhaya. 

“Abasemakhaya bathwele kanzima ngenxa yokunyuka kwamanani kapharafini, akagesi nawokudla kunzima nxazonke. Uhulumeni kufanele ulekelele,” kusho yena. 

Naye uphakamise ukuthi uhulumeni unyuse isibonelelo sabantu abangasebenzi sibewuR1 500, wandise ukudla okungayikhokhi intela nogesi wamahhala ozosiza abantu ukupheka nokufudumala njengoba sekungena ubusika.

Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe ukwehlisa intela kaphethroli bekuwukucabangela wonke umuntu ngoba ukube bebengayehlisanga ngabe kunyuke kakhulu zonke izinto ngisho nopharafini ubuzokhuphuka ngaphezu kwalokhu okhuphuke ngakho.

Mayelana nokunyusa isibonelelo sabantu abampofu ungqongqoshe womNyango wokuThuthukisa umPhakathi uNks uSisisi Tolashe uthe umatasa nezinhlelo zaso, azozimemezela kulo nyaka.

Ungqongqoshe womNyango wokuMbiwayo naMandla uMnu uGwede Mantashe utshele izintatheli engqungqutheleni yokuheha abatshalimali ebingesonto elidlule, ukuthi uhulumeni ubacabangelile abantu abampofu.“Izinhlelo zokwehlisa intela kaphethroli zishaya kakhulu uhulumeni ngoba yiwona ozolahlekelwa wuR6 billion kule nyanga. Sisazozimezezela nezinye izinhlelo zokwehlisa umthwalo kubantu emakhaya nasezimbonini ezibalulekile zomnotho. Isimo sisiqaphile ngoba asikwazi ukulawula okwenzeka eMiddle East. Akusilo iqiniso ukuthi abampofu sibashiye ngaphandle,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page