Kuqhilike izihlathi kuvulwa isigayo somoba iGledhow Mill
WUBONISWA MOHALE
INJABULO ibibhalwe ebusweni kubalimi bomoba emva kokuthi iphini likangqongqoshe womNyango woHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uZuko Godlimpi evule kabusha isigayo somoba iGledhow Mill KwaDukuza, KwaZulu-Natal, izoloi.
Lesi sigayo somoba sisanda kunwetshwa ngoR1.8 billion kanti abalimi bayajabula ukuthi sesivulile njengoba kusele amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi bahambise umoba walo nyaka esigayweni.
Ngokusho kukaGodlimpi, lesi sigayo sinezisebenzi eziwu-440 ezigaya umoba wabalimi abangaphezu kwango-200.
“I-Gledhow Mill yangena ohlelweni lokuhlenga ibhizinisi ngo-2023. Siyajabula ukuthi yathola abatshalimali abakwazile ukuhlenga inkampani nemisebenzi baqinisekisa ukuthi abalimi bomoba banekusasa eliqhakazile. Isigayo manje sihambisana nesikhathi samanje futhi sizosebenza isikhathi eside,” kusho uyena.
FUNDA NALAPHA: Siseduze isisombululo senkinga yeTongaat Hulett – umnikazi omusha
Uthe ziyaqhubeka izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imboni kashukela iyadlondlobala ngoba kusasa uzosayisa isigaba sesibili se-Sugarcane Value Chain Masterplan.
“Siyazazi izinselelo ezibhekene nemboni kashukela kodwa sizibophezele ukuyiseka futhi ne-Industrial Development Corporation inayo imali yokuseka izigayo zomoba ukuze kungapheli imisebenzi ezindaweni zasemakhaya,” kusho uGodlimpi.
Usihlalo weSouth African Farmers Development Association uDkt uSiyabonga Madlala uthe bakuthakasele ukuvula kabusha kweGledhow Mill ngoba inika abalimi bomoba isiqiniseko sokuthi umoba wabo unendawo yokuwugaya.
Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi icala lokulwa nokuvala kweTongaat Hulett libuyele enkantolo ngomhlaka-16 no-17 wale nyanga.

