Amandla emali asahleli esikalini seBhange lomBuso u-3%. Isithombe: Sithunyelwe

Amandla emali enze obekulindelekile enyuka – izingqapheli

WUBONISWA MOHALE

IZIBALO zeStatistics South Africa (iStats SA) ziveza ukuthi amandla emali ngoMashi ebewu-3.1% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, esuka ku-3.0% ayekuwona ngoFebhuwari.

Osomnotho abahlukene bathi bebevele bezilindele lezi zibalo ngoba imiphumela yempi eseMiddle East emandleni emali izocaca ezibalweni zango-Ephreli.

I-Stats SA ithi amanani kaphethroli anyuke ngo-1.2% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga kanti abephansi ngo-8.7% kunawangoMashi wangonyaka odlule.

Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala ehle ngo-3.6% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, esuka ku-3.7% ngoFebhuwari.

Usomnotho waseFNB uNksz uKoketso Mano uthi balindele ukuthi amandla emali ngo-Ephreli abewu-3.8% ngenxa yokunyuka kwamanani kaphethroli ngemva kokuqubuka kwempi eMiddle East.

Uthe uhulumeni ubasizile abantu bakuleli emisa intela ebizonyuka kaphethroli futhi uyathemba ukuthi nangoMeyi uhulumeni uzobavikela ngendlela efanayo abantu.

Inhloko ye-Macro-Economic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe njengoba amandla emali ngoMashi ebewu-3.1% kusho ukuthi asamile esikalini seBhange lomBuso futhi awakawuvezi umphumela wempi emnothweni waseNingizimu Afrika.

FUNDA NALAPHA: Amanani okudla nakaphethroli ehlise amandla ku-3,0%

Ubalule ukuthi ngisho imali yerenti ibiyenza kahle njengoba eNtshonalanga Kapa ibiwu-3.5%.

“Okwamanje amandla emali asesikalini esifanele seBhange lomBuso kodwa njengoba kungewona aka-Ephreli kusho ukuthi azomenyezelwa ngokuzayo azobe ekhombisa nokwenzeke ngemva kwempi eseMiddle East.

“Okwamanje iBhange lomBuso ngeke linyakaze kakhulu ngokunyusa imalimboleko kodwa-ke uma impi yaiqhubeka lizophoqeleka ukuyinyusa. Uma ishesha ukuphela, isimo sizobuyela kwesijwayelekile,” kusho yena.

Usomnotho ozimele uMnu uJohn Loos uthe amandla emali ango-Ephreli yiwona azoveza isithombe esicacile sokwenzeke emnothweni waseNingizimu Afrika njengoba nophethroli ubunyukile.

Ngokwezifundazwe, uLoos uthe iNtshonalanga Kapa ibinamandla emali aphezulu ngo-3.5% kanti iGauteng neKwaZulu-Natali bebebambene ku-3.2%. Uthe emadolobheni asezifundazweni ezincane amandla emali ebewu-2.1% khona.

Naye uthe ngeke iBhange lomBuso linyakaze ngemalimboleko uma libheka izibalo zangoMashi kodwa ezango-Ephreli ezizolenza lithathe izinyathelo ezithile.

Ngakolunye uhlangothi, izibalo zokuthenga izimpahla bezimi ku-1.6% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoFebhuwari, zisuka ku-4.4% ngoJanuwari owehliswe waba wu-4.2%. Kusho ukuthi bezingaphansi kuno-4.8% obulindelekile. Nalezi zibalo aziyibheki impi enyuse amanani kawoyela.

Usomnotho waseFNB uMnu uSphamandla Mkhwanazi uthe abantu baseNingizimu Afrika bawuqale kahle u-2026 bekwazi ukuthenga abakudingayo futhi nemali abayikhokha ngezikweleti iphansi.

Ngokuzokwenzeka ngokuqhubeka kwesikhathi, uthe okwenzeka emazweni angaphandle, okunjengamanani kawoyela, kuzobanomphumela eNingizimu Afrika, kwehlise nokutshaleka kwemali.

Yize kunjalo ulindele ukuthi abathengi bakhulise umnothi kulo nyaka, yize noma kuzothatha kude kunobekulindelekile.

Khonamanjalo, ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe usalucubungula udaba lokuthi uzothatha ziphi izinyathelo uma kuqhubeka impi nangenyanga ezayo.

“Ngisabheka zonke izimo ezihambisana nokungapheli kwempi eMiddle East ukuthi zisho ukuthini kubantu basezweni. Ngizoxoxa nongqongqoshe womNyango wokuMbiwayo naMandla uMnu uGwede Mantashe sibone ukuthi sizokwenzenjani ngoMeyi. Angihleli, le ndaba yokwehlisa umthwalo emahlombe abantu isemqondweni wami,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page