Kuklonyeliswe osomabhizinisi abakhubazekile kwi-Inclusive Excellence Awards
WUTHOBILE ZWANE
Ebika eseMbombela
I-STANDARD Bank Business and Commercial Banking isanda kuklomelise osomabhizinisi emcimbini wokuqala i-Standard Bank Inclusive Excellence Awards, imiklomelo yosomabhizinisi abancane abakhubazekile eMbombela, eMpumalanga.
Lolu hlelo luyingxenye yemizamo yokuhlomisa ngolwazi osomabhizinisi abasebenzisana naleli bhange i-Enterprise and Supplier Development (i-ESD) yeBCB, ehlose ukukhulisa nokuseka amabhizinisi abantu abamnyama eNingizimu Afrika ukuze akwazi ukusebenza ngendlela efanele, aphatheke kahle futhi akhule.
UNkk uNaledzani Mosomane, inhloko ye-Enterprise and Supplier Development for Business & Commercial Banking eStandard Bank South Africa, uthe lolu hlelo luhlose ukwandisa isibalo sabantu abamnyama abaneqhaza emnothweni, ikakhulu ngokunika amabhizinisi amancane ithuba lokukhula ukuze bakwazi ukuzimela.
FUNDA NALAPHA: Osomabhizini baselokishini bazobanga uR500 000 kwiStandard Bank Kasi SME Pitch Challenge

UNkk uMosomane uthi bahlose ukuthi osomabhiznisi abasafufusa bazimele
Ungqongqoshe womNyango wokuThuthukisa umNotho nokuVakasha eMpumalanga, uNksz uJesta Sidell uthe ukubambisana kukahulumeni, amabhange nezinkampani kubalulekile ekuthuthukiseni osomabhizinisi abasafufusa.
“Sifuna ukuthi abantu bakithi, ikakhulu basemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya, bangasali emuva. Lolu hlelo lunika intsha, abesifazane nabantu abanokukhubazeka ithuba lokukhula,” kusho yena.
Imenenja enkulu ye-Enterprise and Supplier Development Business and Commercial Banking eStandard Bank uNksz uLesiba Matladi ithe le miklomelo yasungulwa ukuklomelisa osomabhizinisi abakhubazekile abaqhubeka nokuphumelela yize benezinselelo eziningi.
UIthe amabhizinisi amaningi abhekana nobunzima bokufinyelela ezimakethe, usizo lwemali nokuxhumana nezinhlaka ezifanele kodwa lolu hlelo luwanika ithuba lokuthi abonakale ngokuwasiza nangamathuba okukhula.
“Uma amabhizinisi ekhula, adala imisebenzi futhi asimamisa umnotho wendawo. Ukubaseka kuyindlela yokwakha ikusasa eliqhakazile,” kusho uNksz uMatladi.
Umlimi nomfuyi waKwaZulu-Natali obashaye bonke emakhanda uNksz uNomfanelo Zondo nohlumule ngoR100 000, uthe lo mklomelo uzosiza ibhizinisi lakhe likhule futhi likwazi ukwandisa umkhiqizo eliwudayisa ezimakethe.
“Loku kukhombisa ukuthi sisebenza ngokuzimisela noma sibhekene nezinselelo emkhakheni wezolimo nemfuyo. Ngingowesifazane, ngiyabona ukuthi kukhona esikwenza kahle. Lo mklomelo uzosisiza sandise isitoko, sikwazi ukudayisa kangcono emakethe futhi sihehe namakhasimende amaningi,” kusho yena.
Umnikazi weSeated by Jenkie UNksz uSejeng Noge uwine umklomelo i-Manufacturing Award noR50 000. Le nkampani yenza amakhushini nezinto zokuhlobisa. “Ngijabule kakhulu ngokuwina lo mklomelo. Loku kuzovulela ibhizinisi lami amathuba amasha, kusize ukukhula kwalo futhi kudale namathuba omsebenzi,” kusho yena.

