UMsinsi Holdings usulawulwa wuMngeni-uThukela Water ngokuphelele
WUBONISWA MOHALE
KUNEZINGUQUKO ezinqala e-uMngeni-uThukela Water njengoba ibhodi yale nkampani inqume ukuthi inkampani yayo yengqalasizinda yamanzi neziqiwi uMsinsi Holdings ngeke isazimela kodwa isizobangaphansi kwayo.
Esitatimendeni esithunyelwe yile nkampani eJohannesburg Stock Exchange esazisa umphakathi ngokwenzekayo, ibhodi ithi ithathe lesi sinqumo emhlanganweni obungomhlaka-27 wangoMashi ngemva kokubuyekeza konke okwenzeka ezinkampanini ezingaphansi kwayo.
Ithe lesi sinqumo sihambisana nezinhlelo zenkampani zesikhathi eside zokuqinisekisa ukuthi umsebenzi uhamba ngendlela futhi eziphucula ukuphatheka kwenkampani.
Loku kusho ukuthi uMsinsi Holdings ngeke usabayinkampani ezimele, umsebenzi ebiwenza okuhlanganisa izinhlelo zayo zokuphatha ezamanzi nemisebenzi yobungcweti neyokuvakasha, izongena ngaphansi kophiko olusha oluzoba ngaphansi kwe-uMngeni-uThukela Water.
FUNDA NALAPHA: Uza kahle umsebenzi wokulungisa ipayipi lamanzi
Isikhulu esiphethe ezokuxhumana nokukhangisa e-uMngeni-uThukela Water uMnu uSiyabonga Maphumulo sithe isinqumo ngoMsinsi Holdings sithathwe ngemva kokucubungula wonke umsebenzi owenziwa yile nkampani nezimpiko zayo.
Uthe uMsinsi Holdings ngeke usazimela kodwa usuzoba ngolunye uphiko lwebhizinisi olungaphansi kwe-uMngeni-uThukela Water.
“Sinohlelo olunzulu oseluqalile lokuthintana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngezinguquko esizenzayo. Kulezi zingxoxo siqinisekisa zonke izinhlaka esisebenzisana nazo ukuthi ngeke kubenokuphazamiseka komsebenzi nezinsiza zethu ngenxa yalezi zinguquko,” kusho yena.
Mayelana nokuthi ngabe ikhona yini imisebenzi ezolahleka noma abantu abazodilizwa uma uMsinsi ungasekho, uthe: “Okwamanje azikho izinguquko ezizokwenziwa kwizinkontileka zezisebenzi emva kwesinqumo sebhodi. Ngemva kwesimemezelo sekuzoqala isigaba sokwenza okumenyezelwe. Izinguquko ezinqala zizoqala ngomhlaka-1 wangoJulayi,” kuphetha uMaphumulo.

