Ungqongqoshe womNyango wezokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi ukuhoxisile ukuphawula ngomthethovivinyo we-artificial intelligence. Isithombe: Sithunyelwe

Uhoxisiwe umthethosivivinyo ngobuchwepheshe obusamuntu

YINTATHELI YOMBELE

UBUCHWEPHESHE buholele ekutheni kushicilelwe umthethosivivinyo onemininingwane okungaqondakali ukuthi ivela kuphi kumthethosivivinyo wobuchwepheshe obusamuntu i-Draft National Artificial Intelligence (AI) Policy.

Ungqongqoshe womNyango wobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi ubecele umphakathi ukuthi uphawule ngalo mthethosivivinyo kusukela ngomhlaka-10 wango-Ephreli kuze kube wumhlaka-10 wangoJuni.

Ngemva kokushicilelwa kwawo, izazi ezisembonini yobuchwepheshe nosolwazi bobuchwepheshe ezikhungweni zemfundo ephakeme bathola ukuthi aluveli ndawo ulwazi olusetshenziswe ukuseka okushiwo kulo mthethosivivinyo, lapho kucashunwe khona yizindawo ezingekho.

UMalatsi uthe bayakuhoxisa ukuphawula ngalo mthethosivivinyo ngenxa yokuthola ukuthi olunye ulwazi akuqondakali ukuthi lutholakale kanjani futhi sebeqale nophenyo.

“Inhloso yalo mthethosivivinyo wukuqinisekisa ukuthi ubuchwepheshe buhambisana nesikhathi samanje, uqinisekise ukuthi ubuchwepheshe buseqhulwini ezinhlelweni zekusasa lezwe, ekuhlomiseni abantu ngolwazi olufanele nasekuvikeleni izwe nasekwenzeni izinto ngezindlela ezintsha. Siwuhoxisile ngoba sifuna konke okuthinta lo mthetho kube yiqiniso,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: Ubuchwepheshe bumqoka ukwenza umsebenzi kahulumeni ngendlela, kuloba uBusi Mavuso

Uthe ubuchwepheshe bubalulekile ekufukuleni umnotho wezwe futhi busebenza ezimbonini ezihlukene, ngakho bafuna lonke ulwazi abalusebenzisayo lubesezingeni elifanele.

“Okucacile wukuthi kusetshenziswe ubuchwepheshe obusamuntu ukubhala izinto ezithile kulo mthethosivivinyo. Bekungafanele kwenzeke loku ngoba kufanele sithi sisebenzisa ubuchwepheshe kubekukhona nabantu abawuhlolayo umsebenzi. Silusukumele lolu daba futhi sizothatha izinyathelo ezifanele,” kusho uMalatsi.

Usolwazi wase-University of Johannesburg Business School uSteven Fidley uthe kuyaphoxa ukuthi uhulumeni onabacwaningi, ongoti nabameli usebenzisa ubuchwepheshe obusamuntu obungakhokhelwa ukucwaninga bese kungabibikho abantu abahlola okushicilelwayo ukuthi kuyiqiniso.

“Okubi wukuthi ngaphambi kokuthi kushicilelwe amaphepha adlula kubantu abaningi abahlukene okufanele bahlolisise umsebenzi owenziwe nokubhaliwe. Kuyacaca ukuthi abawenzanga kahle umsebenzi njengoba sithe uma sesifundela ukuphawula ngomthethosivivinyo sathola ukuthi kucashunwe ucwaningo olungekho. Kuyacaca ukuthi kusetshenziswe i-AI engakhokhelwa enokuqamba amanga ngoba ekhokhelwayo ayivamile ukubanezigameko ezinjena,” kusho yena ezindabeni zeSABC.

Ugxeke nokuthi umthethosivivinyo we-AI uzothatha iminyaka emithathu ukuphasa ekubeni ubuchwepheshe bushintsha njalo, ngakho nemithetho kufanele isheshe.

UDkt uSean Kruger, ofundisa e- University of Pretoria, ethula inkulumo youku lweziSebenzi, iuhe abantu kufanele bakulungele ukusebenza ngobuchwepheshe ngoba bushintsha njalo.

Uthe ukulungela ubuchwepheshe obusamuntu budinga ukuthi buqondisiswe lobu buchwepheshe nokuthi bunamuphi umphumela empilweni nasekuziphatheni kahle kwabantu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page