Imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele nephini likangqongqoshe womNyango ngokuMbiwayo naMandla uNks uPhumzile Mgcina behlola ingqalasizinda eSapref Refinery eProspecton, eThekwini, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini umatasa nezinhlelo zokuvusa iSapref 

YINTATHELI KAMASIPALA

KULINDELEKE ukuthi kudaleke imisebenzi ewu-12 500 uma sekuvuselelwa kabusha inkampani ehluza uwoyela iSapref Refinery eProspecton, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele nephini likangqongqoshe womNyango wokuMbiwayo naMandla uNks uPhumzile Mgcina bebeseSapref ekupheleni kwangoMashi beyoyihlola.

Loku bekuyingxenye yezinhlelo zikahulumeni zokuvuselela le nkampani ehluza uwoyela njengoba isizokwaziwa ngokuthi yiSouth African National Petroleum Company Refinery emva kokuthengwa yiCentral Energy Fund ngoR1.

FUNDA NALAPHA: INingizimu Afrika kufanele isukumele ukulungisa imboni kawoyela, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNksz uMgcina uthe ibaluleke kakhulu iSapref ngenxa yendawo ekuyona ngoba kulula ukususa uwoyela emkhumbini ungene kuyona. Wengeze ngokuthi ibalulekile ekwandiseni izikhungo ezihluza uwoyela eNingizimu Afrika nasemnothweni wayo.

“Ukuza kwethu lapha kukhombisa ukuhambisana kwezinhlelo zikahulumeni wezwe nowasekhaya. Sifuna ukuyivusa kabusha,” kusho yena.

UMbhele uthe ukuvuselela iSapref kuzoqinisekisa ukuthi idolobha laseThekwini likwazi ukuncintisana namanye ezimbonini ezihlukene.

“Ukusebenza kweSapref kuzoqinisekisa ukuthi siyakwazi ukuzihluzela uwoyela futhi kuze namathuba omnotho ahambisana nokuthi siyingxenye yamazwe asasimama ngokomnotho. Kuzoqinisekisa ukuthi siyazihluzela uphethroli, kubuyisele amanani awo esimweni. Kuzosisiza nokubhekana nezimo eziqubuka kungalindelekile ezinyusa amanani kawoyela emhlabeni,” kusho yena.

Uma iSapref isivuselelwa kulindeleke ukuthi kudaleke imisebenzi ewu-12 500 ngokwakha newu-2 850 uma isisebenza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page