Izogaba ngezikhulumi ezinohlonze iDurban Business Fair Business Indaba
YINTATHELI KAMASIPALA
ABAPHATHI bezimboni, izinkampani ezinkulu, izikhungo zikahulumeni nosomabhizinisi abancane bazohlangana kwiDurban Business Fair (iDBF) Business Indaba ezobamhlaka-29 wango-Ephreli e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.
I-Business Indaba yinkundla yokucobelela osomabhizinisi ngolwazi ukubasiza ukuxazulula izinselelo abahlangabezana nazo futhi ibavulele namathuba okukhula.
Ezihlokweni ezizodingidwa kubalwa esokuthola imali yebhizinisi, ukukhokha intela kahle, ukungena ezimakethe nokugcina ibhizinisi lisebenza noma izwe linezinselelo zomnotho.
Umasipala ugqugquzela osomabhizinisi ukuthi babekise indawo ngokuthumela imininingwane yabo ngokubhalela ku: zamani.shezi@durban.gov.za.
Indikimba yalo nyaka ithi “Enabling SMME Growth Through Funding, Compliance, Market Access, and Strategic Partnerships,” okusho ukukhulisa amabhizinisi amancane ngokuwaxhasa, ukulandela umthetho, ukuthola amakhasimende nokwakha ubudlelwano obubalulekile.
I-Business Indaba igabe ngezikhulumi ezivela kwi-Proudly South Africa, iSouth African Revenue Service, iSmall Enterprise Development, iFinance Agency, i-Illovo Sugar nakwezinye izinkampani.
FUNDA NALAPHA: Abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokusebenza nohulumeni kwiDurban Business Fair
Uhlelo luzogxila ekuthole izisombululo okulula ukuthi amabhizinisi amancane azenze ukuze akhule, ukwandisa izimakethe angena kuzona ngokusebenzisana nezinye izinkampani, ukwandisa imikhiqizo ekhiqizwa ezweni nokuphucula izinga lokuncintisana kwezimpahla ezikhiqizwa ezweni.
Izithangami ezihlukene zosomabhizinisi ziyingxenye yombukiso weDurban Business Fair eqala ngomhlaka-30 wango-Ephreli iphele ngomhlaka-2 wangoMeyi eDurban Exhibition Centre. Kulo nyaka igubha iminyaka ewu-28 yokuhlanganisa osomabhizinisi abancane nezimakethe namathuba.
Umbukiso uzovulwa wungqongqoshe womNyango wamaBhizinisi amaNcane uNkk uStella Ndabeni-Abrahams, okukhombisa ukuthu uhulumeni uyaqhubeka nokuseka ukusimama kwamabhizinisi amancane.
Osomabhizinisi bazokhangisa ngemikhiqizo yabo nezinsiza, bahwebe, baxoxisana nabanye futhi bathole namathuba okutshala imali.
Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe: “Izithangami zokucobelelana ngolwazi zilekelela osomabhizinisi ngamasu azobakhulisa zibaxhumanise nabantu abazoqinisekisa ukuthi baneqhaza elibonakalayo emnothweni.”
Uphethe ngokuthi iDBF iyaqhubeka nokubayindawo eseka osomabhizinisi ukuthi bandise izimakethe abadayisa imikhiqizo yabo kuzona, bahlome ngolwazi futhi baxhumane nabatshalimali nezinye izinhlaka ezizobasiza.
Osomabhizinisi bakhuthazwa ukuthi babekise indawo ukuze bangasali ngaphandle kulo mbukiso wokubasimamisa.

